INGOMA 63
SingoFakazi BakaJehova!
1. Abantu benz’ iz’thombe,
INkosi bay’shiyile.
Yon’ inguSomandla,
Iz’bonisile.
Izithomb’ aziboni
Okuseza phambili.
Ziyint’ engasizi ngalutho,
Ngoba azinaw’ amandla.
(CHORUS)
S’ngoFakazi BakaJah.
Sikhuluma nges’bindi.
SineNkosi yeziprofetho;
Kuyenzeka ek’shilo.
2. S’memezela ngodumo
Negama l’kaJehova.
S’shumayela ngawo
UMbuso wakhe.
Abanye bazolizwa
Iqiniso l’basize.
Bazomdumisa kanye nathi,
Simhubele i’ndumiso.
(CHORUS)
S’ngoFakazi BakaJah.
Sikhuluma nges’bindi.
SineNkosi yeziprofetho;
Kuyenzeka ek’shilo.
3. Uk’fakaza k’dumisa
Igama l’kaJehova.
Abalithukayo,
Bayaxwayiswa.
Bangaxolelwa bonke,
‘Ma bephenduka nabo.
Uk’fakaza k’leth’ injabulo
Nethemba lok’phila njalo.
(CHORUS)
S’ngoFakazi BakaJah.
Sikhuluma nges’bindi.
SineNkosi yeziprofetho;
Kuyenzeka ek’shilo.
(Bheka no-Isaya 37:19; 55:11; Hez. 3:19.)