Isethulo Sengxenye 12
UJesu wafundisa abantu ngoMbuso wamazulu. Wabafundisa nokuthi bathandazele ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe, uMbuso wakhe uze nentando yakhe yenziwe emhlabeni. Uma ungumzali, chazela ingane yakho ukuthi lo mthandazo usho ukuthini kithi. UJesu akamvumelanga uSathane ukuba ephule ubuqotho bakhe. UJesu wakhetha abaphostoli bakhe ababa amalungu okuqala oMbuso futhi badlala indima ebalulekile kuwo. Qaphela indlela uJesu ayeyishisekela ngayo inkolo yeqiniso. UJesu wayefuna ukusiza abanye, ngakho welapha abagulayo, wondla abalambile futhi wavusa abafile. Ngokwenza zonke lezi zimangaliso wabonisa lokho uMbuso ozokwenzela abantu.