Isethulo Sengxenye 7
Le ngxenye ikhuluma ngokwenzeka eminyakeni engu-80 yokubusa kweNkosi uSawule neNkosi uDavide. Ekuqaleni, uSawule wayethobekile futhi esaba uNkulunkulu, kodwa washintsha wenqaba ukulalela iziqondiso zikaJehova. UJehova wamlahla, ngokuhamba kwesikhathi watshela uSamuweli ukuba agcobe uDavide ukuze abe yinkosi elandelayo yakwa-Israyeli. Ngenxa yomona, uSawule wazama kaningi ukubulala uDavide kodwa uDavide akazange aziphindiselele. UJonathani, indodana kaSawule, wayazi ukuthi uJehova ukhethe uDavide ngakho waba qotho kuDavide. UDavide wenza izono ezimbi kakhulu kodwa akazange asenqabe isiyalo sikaJehova. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi kubaluleke kangakanani ukuhlale isekela amalungiselelo kaNkulunkulu.