Isethulo Sengxenye 6
Itabernakele laba indawo eyinhloko okwakukhonzwa kuyo uJehova ngesikhathi ama-Israyeli esehlala eZweni Lesithembiso. Abapristi babefundisa uMthetho, abahluleli beqondisa isizwe. Le ngxenye ibonisa indlela izinqumo nezenzo zomuntu ezingabathinta ngayo abanye. UmIsrayeli ngamunye kwakufanele ahloniphe uJehova nabanye abantu. Khuluma ngendlela uDebora, uNawomi, uJoshuwa, uHana, indodakazi kaJefta noSamuweli abawuthinta ngayo umphakathi ababehlala kuwo. Gcizelela ukuthi nabanye ababengewona ama-Israyeli, njengoRahabi, uRuthe, uJayeli nabaseGibheyoni, bakhetha ukuba ngasohlangothini lwama-Israyeli ngoba babazi ukuthi uNkulunkulu unabo.