Isethulo Sengxenye 3
Ngemva kukaZamcolo, iBhayibheli likhuluma ngabantu abambalwa kakhulu abakhonza uJehova. U-Abrahama owayaziwa njengomngani kaJehova, uphakathi kwalabo abamkhonza. Kungani ayebizwa ngokuthi umngani kaJehova? Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone ukuthi uJehova uyayikhathalela nokuthi ufuna ukuyisiza. Njengo-Abrahama namanye amadoda athembekile, anjengoLoti noJakobe, ngokukhululekile nathi singalucela usizo lukaJehova. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uzozigcwalisa zonke izithembiso azenzayo.