Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 103 k. 238-k. 239 isig. 2
  • “UMbuso Wakho Mawuze”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “UMbuso Wakho Mawuze”
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Uhloseni UNkulunkulu Ngabantu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukuqala Kwempilo Enzima
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba Izogcwaliseka Maduze
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 103 k. 238-k. 239 isig. 2
Abantu abadala nezingane baphila kamnandi epharadesi

ISIFUNDO 103

“UMbuso Wakho Mawuze”

Nasi isithembiso sikaJehova: ‘Ngeke kusaba khona ukukhala, ubuhlungu, ukugula noma ukufa. Ngiyosula izinyembezi emehlweni abo bonke abantu. Zonke izinto ezimbi ezenzeke esikhathini esidlule ngeke bazikhumbule.’

UJehova wabeka u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene ukuba baphile ngokuthula nangokujabula. Kwakumele bakhonze uBaba wabo osezulwini futhi izingane zabo zigcwale umhlaba. U-Adamu no-Eva abazange bamlalele uJehova, kodwa injongo kaNkulunkulu ayizange ishintshe. Kule ncwadi, sibonile ukuthi zonke izinto uNkulunkulu athi zizokwenzeka, zenzeka ngempela. UMbuso wakhe uyoletha izibusiso ezinhle kakhulu emhlabeni njengoba athembisa u-Abrahama.

Abantu abadala, izingane nezilwane ePharadesi

Maduzane, uSathane namademoni akhe nabo bonke abantu ababi ngeke besaba khona. Wonke umuntu ophilayo uyokhonza uJehova. Ngeke sigule noma sife. Esikhundleni salokho, siyovuka njalo ekuseni sinamandla futhi sikujabulela ukuphila. Umhlaba uyoba yipharadesi. Wonke umuntu uyoba nokudla okumnandi futhi ahlale endlini ephephile. Abantu bayoba nomusa, ngeke babe nesihluku noma udlame. Izilwane ezihlala endle ngeke zisesabe futhi nathi ngeke sizesabe.

Kuyoba mnandi kakhulu lapho uJehova eqala ukuvusa abantu. Siyokwamukela abantu basendulo abayobe bevusiwe, njengo-Abela, uNowa, u-Abrahama, uSara, uMose, uRuthe, u-Esteri noDavide. Bayosebenza nathi ekwenzeni umhlaba ube yipharadesi. Kuyohlale kunomsebenzi omningi ojabulisayo.

UJehova ufuna ube khona lapho. Uzothola ithuba lokumazi kangcono. Masisondele kuJehova usuku nosuku, manje naphakade!

“Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.”—IsAmbulo 4:11

Imibuzo: UMbuso kaNkulunkulu uyokushintsha ngaziphi izindlela ukuphila emhlabeni? Kubantu ofunde ngabo kule ncwadi, obani ongathanda ukuhlangana nabo ePharadesi?

IsAmbulo 21:3, 4; Jobe 33:25; IzAga 2:21, 22; Isaya 11:2-10; 33:24; 65:21; Mathewu 6:9, 10; Johane 5:28, 29; 17:3

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela