ISIFUNDO 98
UbuKristu Busakazekela Emazweni Amaningi
Abaphostoli bawulalela umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke. Ngo-47 C.E., abazalwane base-Antiyokiya bathuma uPawulu noBarnaba ukuba bayoshumayela kwezinye izindawo. Laba bazalwane abakhuthele bashumayela kuzo zonke izindawo zase-Asia Minor njengaseDerbe, eListra, nase-Ikoniyu.
UPawulu noBarnaba bashumayeza wonke umuntu, ohluphekile, ocebile, omncane nomdala. Abantu abaningi balamukela iqiniso ngoKristu. Ngesikhathi uPawulu noBarnaba beshumayeza uSergiyu Pawulu undunankulu waseKhupro, umthakathi othile wazama ukubavimba. UPawulu wathi kulo mthakathi: ‘UJehova uzokujezisa.’ Ngaso leso sikhathi umthakathi waba yimpumputhe. Lapho uSergiyu Pawulu ebona lokho waba yikholwa.
UPawulu noBarnaba bashumayela yonke indawo, endlini ngendlu, ezimakethe, emigwaqweni nasemasinagogeni. Ngesikhathi beseListra, belapha indoda eyayikhubazekile, abantu ababona leso simangaliso bacabanga ukuthi bangonkulunkulu, ngakho baqala ukubakhonza. Kodwa uPawulu noBarnaba babavimba bathi: ‘Khonzani uNkulunkulu kuphela! Thina singabantu abafana nani.’ Kwabe sekufika amaJuda athile enza isixuku sajikela uPawulu. Isixuku samshaya ngamatshe, samhudulela ngaphandle kwedolobha samshiya lapho sicabanga ukuthi ufile. Kodwa uPawulu wayesaphila! Abazalwane baya kuye ngokushesha bafike bamthatha baphindela naye edolobheni. Kamuva, uPawulu wabuyela e-Antiyokiya.
Ngo-49 C.E., uPawulu waya kwenye indawo. Ngemva kokubona abazalwane base-Asia Minor, wahamba wayoshumayela eYurophu. Waya e-Athene, e-Efesu, eFilipi, eThesalonika nakwezinye izindawo. USila, uLuka, nensizwa ebizwa ngokuthi uThimothewu bahamba noPawulu. Babesebenza ndawonye bemisa amabandla futhi bewaqinisa. UPawulu wahlala unyaka nohhafu eKorinte eqinisa abazalwane. Wayeshumayela, efundisa futhi ebhalela amabandla amaningi izincwadi. Wayeziphilisa ngokwenza amatende. Ngokuhamba kwesikhathi, uPawulu waphindela e-Antiyokiya.
Kamuva ngo-52 C.E., uPawulu waphinde wathatha uhambo okwesithathu, waqala e-Asia Minor. Wahambela izindawo ezisenyakatho eFilipi naseKorinte. UPawulu wahlala iminyaka eminingi e-Efesu, efundisa, elapha, esiza nebandla. Wayebeka izinkulumo nsuku zonke ehholo lesikole. Abantu abaningi babelalela futhi beshintsha ukuphila kwabo. Ekugcineni, ngemva kokushumayela izindaba ezinhle emazweni amaningi, uPawulu waya eJerusalema.
“Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—Mathewu 28:19