Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 88 k. 206
  • UJesu Uyaboshwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyaboshwa
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKristu Uyakhashelwa Futhi Uyaboshwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukukhashelwa Nokuboshwa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukukhashelwa Nokuboshwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • UJesu Ensimini
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 88 k. 206
UJuda udayisa uJesu ensimini yaseGetsemane

ISIFUNDO 88

UJesu Uyaboshwa

UJesu nabaphostoli bakhe badabula eSigodini SaseKidroni belibangise eNtabeni Yeminqumo. Kwakungemva kuka-12 ebusuku futhi inyanga yayigcwele. Lapho befika ensimini yaseGetsemane, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha nilinde.” UJesu waya phambili kancane, wabe eseguqa ngamadolo. Wathandaza kuJehova ecindezeleke kakhulu wathi: “Intando yakho mayenzeke.” UJehova wabe esethumela ingelosi ukuba ikhuthaze uJesu. Lapho uJesu ebuyela kubaphostoli, wabafica belele. Wathi: ‘Vukani! Akusona isikhathi sokulala lesi! Selifikile ihora lokuba nginikelwe ezitheni zami.’

UJuda unikwa isikhwama semali

Ngemva nje kwalokho kwafika uJuda, ehamba nabantu abaningi ababephethe izinkemba nezinduku. Wayazi ukuthi uzomthola kuphi uJesu ngoba babehlale beza kule nsimu. UJuda wayewatshelile amasosha ukuthi uzowabonisa uJesu. Waqonda ngqo kuJesu wafike wathi: ‘Sawubona, Mfundisi,’ wabe esemqabula. UJesu wathi: ‘Juda, uyangidayisa ngokungiqabula?’

UJesu wabe esesondela eduze kwabantu ababezombopha, wababuza: “Nifuna bani?” Bathi: “UJesu umNazaretha.” Wabe esephendula: “Nginguye.” Lapho bezwa lokho bahlehla bawela phansi emhlabathini. UJesu waphinda wababuza: “Nifuna bani?” Baphinda bathi: “UJesu umNazaretha.” UJesu waphendula: ‘Nginitshelile nje ukuthi nginguye. Yekani la madoda ahambe.’

Lapho uPetru ebona lokho okwakwenzeka, wahosha inkemba wagenca indlebe kaMalkusi, isigqila sompristi ophakeme. Kodwa uJesu wathinta indlebe yale ndoda wayelapha. Wabe esethi kuPetru: ‘Faka inkemba emgodleni wayo. Uma ulwa ngenkemba, uyofa ngenkemba.’ Amasosha ambamba uJesu, ambopha izandla, abaphostoli babaleka. Base bemthatha uJesu bamusa ku-Anase, umpristi omkhulu. U-Anase wabuza uJesu imibuzo wabe esemthumela endlini yoMpristi Ophakeme uKayafase. Kwenzekani kubaphostoli?

“Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33

Imibuzo: Yini eyenzeka ensimini yaseGetsemane? Yini ongayifunda kulokho uJesu akwenza ngalobo busuku?

Mathewu 26:36-57; Marku 14:32-50; Luka 22:39-54; Johane 18:1-14, 19-24

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela