Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 84 k. 196-k. 197 isig. 4
  • UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyakwazi Ukusivikela
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Uthulisa Isiphepho Olwandle
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuphuka Komkhumbi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 84 k. 196-k. 197 isig. 4
UJesu uhamba phezu kwamanzi, utshela uPetru ukuba eze kuye

ISIFUNDO 84

UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi

UJesu akagcinanga ngokwelapha abantu abagulayo nokuvusa abafile, wayekwazi nokulawula umoya nemvula. Ngemva kokuthandaza entabeni, uJesu wathi uma ebheka oLwandle LwaseGalile wabona isivunguvungu. Abaphostoli bakhe babesesikebheni bezama ukugwedla kulowo moya onamandla. UJesu wehla wahamba phezu kwamanzi waya esikebheni sabo. Lapho abaphostoli bebona umuntu ohamba phezu kwamanzi, bavele besaba. Kodwa uJesu wathi kubo: ‘Ningesabi. Yimi.’

UJesu uhamba phezu kwamanzi, utshela uPetru ukuba eze kuye

UPetru wathi: ‘Nkosi, uma kunguwe ngempela, ngitshele ngize kuwe.’ UJesu wathi kuPetru: ‘Woza.’ Ngakho uPetru waphuma esikebheni wahamba phezu kwamanzi waya kuJesu, kuso leso sivunguvungu. Kodwa kwathi nje lapho esezofika kuJesu, wabuka isivunguvungu lwamuthi heqe uvalo. Wabe eseqala ukucwila. UPetru wamemeza: ‘Nkosi, ngisindise!’ UJesu wambamba ngesandla, wathi: ‘Kungani uhlulwe ukungabaza? Luphi ukholo lwakho?’

UJesu noPetru bangena esikebheni, ngokushesha isivunguvungu saphela. Awucabange nje ukuthi abaphostoli babezizwa kanjani. Bathi: “Ngempela wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”

UJesu akagcinanga lapho ukulawula isimo sezulu. Ngesinye isikhathi, lapho uJesu nabaphostoli bakhe besolwandle, uJesu wazumeka walala esikebheni. Ngesikhathi esalele, kwaba nesivunguvungu esikhulu. Amagagasi ashaya isikebhe saze sagcwala amanzi. Abaphostoli bavusa uJesu, bememeza: ‘Mfundisi, nakhu sifa! Sisindise!’ UJesu wavuka, wathi olwandle: “Thula!” Ngaso leso sikhathi ulwandle lwavele lwathula. UJesu wabuza abaphostoli bakhe: ‘Luphi ukholo lwenu?’ Bathi komunye nomunye: “Ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.” Abaphostoli bafunda ukuthi uma bemethemba ngokuphelele uJesu, kwakungadingeki besabe lutho.

“Ngabe ngikuphi nje ukube bengingenalo ukholo lokuthi ngiyobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo?”—IHubo 27:13

Imibuzo: Kungani uPetru aqala ukucwila? Yini abaphostoli abayifunda kuJesu?

Mathewu 8:23-27; 14:23-34; Marku 4:35-41; 6:45-52; Luka 8:22-25; Johane 6:16-21

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela