Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 70 k. 166-k. 167 isig. 2
  • Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UJesu Uzalelwa Esitebeleni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 70 k. 166-k. 167 isig. 2
Izingelosi zimemezela ukuzalwa kukaJesu kubelusi

ISIFUNDO 70

Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu

Umbusi woMbuso waseRoma, uKhesari Awugustu, wayala ukuba wonke amaJuda abuyele lapho azalelwa khona ukuze abhaliswe. Ngakho uJosefa noMariya bahamba baya eBhetlehema, lapho uJosefa azalelwa khona. Sase sisondele isikhathi sokuba uMariya abelethe.

Lapho befika eBhetlehema, ukuphela kwendawo abayithola ababengahlala kuyo kwakuyindawo imfuyo eyayidlela kuyo. UMariya wamzalela lapho uJesu. Wamsonga ngezindwangu ezithambile wabe esembeka emkhombeni.

Eduze naseBhetlehema, abanye abelusi babehleli ngaphandle ebusuku, beluse imihlambi yabo. Kungazelelwe, kwama ingelosi phakathi kwabo futhi kwaba khona ukukhanya okukhulu okuyinkazimulo kaJehova. Abelusi besaba kodwa ingelosi yathi: ‘Ningesabi. Nginiphathele izindaba ezimnandi. UMesiya uzelwe namuhla eBhetlehema.’ Ngaso leso sikhathi, kwabonakala izingelosi eziningi esibhakabhakeni, zithi: ‘Makadunyiswe uNkulunkulu osezulwini futhi kube nokuthula emhlabeni.’ Izingelosi zabe sezinyamalala. Bathini abelusi?

Abelusi bathi: ‘Asihambeni siye eBhetlehema.’ Bahamba ngokushesha futhi bathola uJosefa, uMariya nosana lwabo endaweni okudlela kuyo imfuyo.

Wonke umuntu owezwa lokho ingelosi eyayikutshele abelusi wamangala. UMariya wacabangisisa ngalokho okwakushiwo ingelosi futhi akazange akukhohlwe. Abelusi babuyela emihlanjini yabo, bebonga uJehova ngalokho abakubonile nabakuzwile.

“Ngilapha nje ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe.”—Johane 8:42

Imibuzo: Izingelosi zakumemezela kanjani ukuzalwa kukaJesu? Abelusi bathola bani eBhetlehema?

Luka 2:1-20; Isaya 9:6

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela