Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 59 k. 142-k. 143 isig. 5
  • Abafana Abane Balalela UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abafana Abane Balalela UJehova
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafana Abane EBhabhiloni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Wayengeke Azingcolise”
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • Bavivinywa—Kodwa Baba Qotho KuJehova!
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Incwadi KaDaniyeli Kanye Nawe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 59 k. 142-k. 143 isig. 5
UDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya banqaba ukudla kwenkosi

ISIFUNDO 59

Abafana Abane Balalela UJehova

Lapho uNebukhadinezari ethatha izikhulu zakwaJuda eziyisa eBhabhiloni, wabeka u-Ashipenazi ukuba aziqondise. UNebukhadinezari watshela u-Ashipenazi ukuba athole abafana abayimiqemane futhi abahlakaniphe kunabo bonke phakathi kwabo. Laba bafana babezoqeqeshwa iminyaka emithathu. Ukuqeqeshwa kwakuzobalungiselela ukuba babe yizikhulu ezivelele eBhabhiloni. Abafana kwakufanele bafunde ukufunda, ukubhala nokukhuluma isi-Akkad ulimi lwaseBhabhiloni. Kwakulindeleke nokuba badle ukudla okufana nokwenkosi nezikhulu zayo. UDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya babengabanye balabo bafana. U-Ashipenazi wabaqamba amagama aseBhabhiloni: UBheliteshazari, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego. Ingabe le mfundo yayizobenza bayeke ukukhonza uJehova?

Laba bafana abane babezimisele ukulalela uJehova. Babazi ukuthi akufanele bakudle ukudla kwenkosi ngoba uJehova wayethe okunye kwako kungcolile. Ngakho bathi ku-Ashipenazi: ‘Sicela ungasiniki ukudla kwenkosi.’ U-Ashipenazi wathi: ‘Uma ningakudli lokhu kudla bese inkosi inibona nibukeka sengathi niyagula, izongibulala.’

UDaniyeli wayenecebo. Wathi kumqaphi wabo: ‘Sicela usiphe amaveji namanzi kuphela izinsuku eziyishumi. Bese usiqhathanisa nabafana abadla ukudla kwenkosi.’ Umqaphi wavuma.

Ngemva kwezinsuku eziyishumi, uDaniyeli nabangani bakhe abathathu babebukeka beyimiqemane kunabo bonke abanye abafana. Wajabula uJehova ngoba babemlalelile. Waze wanika ngisho noDaniyeli ukuhlakanipha kokuqonda imibono namaphupho.

Lapho sekuphelile ukuqeqeshwa, u-Ashipenazi waletha abafana kuNebukhadinezari. Inkosi yakhuluma nabo yabona ukuthi uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya babehlakaniphe kakhulu futhi bephapheme kunabo bonke abanye abafana. Wakhetha uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya ukuba basebenze esigodlweni sakhe. Inkosi yayivame ukucela iseluleko sabo ezindabeni ezibalulekile. UJehova wabenza bahlakanipha kunawo wonke amadoda ahlakaniphile nenza imilingo.

Ngisho nalapho bengekho ezweni lakubo, uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya abazange bakhohlwe ukuthi bangabantu bakaJehova. Ingabe nawe uzohlale umkhumbula njalo uJehova, ngisho nalapho abazali bakho bengekho nawe?

“Ungalokothi uvumele noma ubani abukele phansi ubusha bakho. Kunalokho, yiba isibonelo kwabathembekile ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokholo nangobumsulwa.”—1 Thimothewu 4:12

Imibuzo: Kungani uDaniyeli nabangani bakhe abathathu balalela uJehova? UJehova wabasiza kanjani?

Daniyeli 1:1-21

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela