Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 41 k. 100-k. 101 isig. 2
  • UDavide NoSawule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UDavide NoSawule
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza UDavide Abaleke
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UDavide Uba Inkosi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UDavide Wayenesibindi Sokwenza Okulungile
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • “Ukulalela Kungcono Kunomhlatshelo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 41 k. 100-k. 101 isig. 2
UDavide umemeza ikamu likaSawule

ISIFUNDO 41

UDavide NoSawule

Ngemva kokuba uDavide ebulele uGoliyati, iNkosi uSawule yambeka ukuba aphathe ibutho lakhe. UDavide wanqoba izimpi eziningi futhi waduma yonke indawo. Njalo lapho uDavide ebuya empini, abesifazane babedansa bacule: ‘USawule ubulele abayizinkulungwane, kodwa uDavide ubulele amashumi ezinkulungwane!’ USawule waba nomona ngoDavide futhi wafuna ukumbulala.

UDavide wayekwazi kahle ukudlala ihabhu. Ngolunye usuku lapho uDavide edlalela uSawule ihabhu, inkosi yamjikijela ngomkhonto. UDavide wagoba, umkhonto wadlula wagwaza udonga. Ngemva kwalokho, uSawule wazama izikhathi eziningi ukubulala uDavide. Ekugcineni, uDavide wabaleka wacasha ogwadule.

UDavide uthatha umkhonto kaSawule elele

USawule wathatha ibutho elinamasosha angu-3 000 wayofuna uDavide. Wangena emhumeni uDavide namadoda ayenaye ababecashe kuwo. Amadoda ayenoDavide amhlebela athi: ‘Leli ithuba lakho lokubulala uSawule.’ UDavide wagaqa waya kuSawule wasika umphetho wejazi lakhe. USawule akabonanga. Ngemva kwalokho, uDavide wazizwa kabi ngokuthi akabonisanga inhlonipho enkosini egcotshwe uJehova. Akazange awavumele amadoda ayekanye naye ukuba ahlasele uSawule. Waze watshela uSawule ukuthi ubengambulala ukube ubethanda. Ingabe uSawule wawushintsha umqondo wakhe ngoDavide?

Cha. USawule waqhubeka ezingela uDavide. Ngolunye usuku, uDavide nomshana wakhe u-Abhishayi bacathama bangena ekamu likaSawule. Ngisho no-Abhineri, umqaphi kaSawule, wayelele. U-Abhishayi wathi: ‘Leli ithuba lethu! Ngivumele ngimbulale.’ UDavide wamphendula wathi: ‘UJehova uzongiphindiselela kuSawule. Asimane sithathe umkhonto wakhe nojeke wamanzi bese siyahamba.’

UDavide waya entabeni eyayiseduze kwekamu likaSawule. Wabe esememeza ethi: ‘Abhineri, kungani ungayivikelanga inkosi yakho? Uphi ujeke nomkhonto kaSawule?’ USawule wezwa ukuthi uDavide okhulumayo wabe esethi: ‘Ubungangibulala, kodwa awungibulalanga. Ngiyazi ukuthi uzoba yinkosi elandelayo yakwa-Israyeli.’ USawule wabuyela esigodlweni sakhe. Nokho akubona bonke emndenini kaSawule ababemzonda uDavide.

“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu. Ningaziphindiseleli bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka.”—Roma 12:18, 19

Imibuzo: Kungani uSawule ayefuna ukubulala uDavide? Kungani uDavide enqaba ukubulala uSawule?

1 Samuweli 16:14-23; 18:5-16; 19:9-12; 23:19-29; 24:1-15; 26:1-25

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela