Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 34 k. 84-k. 85 isig. 2
  • UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Inkemba KaJehova NekaGideyoni!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Wayenesibindi Futhi Eqaphile
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • UGideyoni Namadoda Awu-300
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Badala—Fundani Esibonelweni SikaGideyoni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 34 k. 84-k. 85 isig. 2
UGideyoni namadoda ayekanye nawo bashaya izimpondo, baphihliza izimbiza, bazulisa izibani futhi bayamemeza

ISIFUNDO 34

UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani

Ngokuhamba kwesikhathi, ama-Israyeli aphinde amshiya uJehova akhonza onkulunkulu bamanga. Kwaphela iminyaka engu-7, abakwaMidiyani bentshontsha imfuyo yakwa-Israyeli futhi bemosha namasimu abo. Ama-Israyeli ayecasha emihumeni nasezintabeni ukuze abalekele abakwaMidiyani. Ancenga uJehova ukuba awasize. Ngakho uJehova wathumela ingelosi kwenye insizwa ebizwa ngokuthi uGideyoni. Ingelosi yathi: ‘UJehova ukukhethile ukuba ube yiqhawe elinamandla.’ UGideyoni wabuza: ‘Ngingawasindisa kanjani ama-Israyeli? Anginamandla.’

UGideyoni wayeyokwazi kanjani ukuthi uJehova umkhethile? Wabeka uboya bemvu phansi emhlabathini wabe esethi kuJehova: ‘Kusasa ekuseni, uma uboya bumanziswe amazolo kodwa umhlabathi womile, ngizobona ukuthi ufuna kube yimi ozosindisa ama-Israyeli.’ Ngakusasa ekuseni, uboya bemvu babumanzi te kodwa umhlabathi womile! UGideyoni waphinde wacela ukuba ngosuku olulandelayo ekuseni uboya bome kodwa umhlabathi ube manzi. Lapho lokho kwenzeka, ekugcineni uGideyoni waqiniseka ngempela ukuthi uJehova ukhethe yena. Waqoqa amasosha akhe ukuze ayolwa nabakwaMidiyani.

UJehova wathi kuGideyoni: ‘Ngizokwenza u-Israyeli anqobe. Kodwa ngenxa yokuthi u-Israyeli unamasosha amaningi, angase acabange ukuthi unqobe ngenxa yawo. Tshela noma ubani osabayo ukuba abuyele ekhaya.’ Ngakho amasosha angu-22 000 aphindela ekhaya, kwasala angu-10 000. UJehova wabe esethi: ‘Namanje asemaningi la masosha. Wayise emfuleni uwatshele ukuthi aphuze amanzi. Gcina kuphela labo abaphuza amanzi bebe beqaphile.’ Angu-300 kuphela amadoda ayeqaphile lapho ephuza. UJehova wathembisa ukuthi la madoda ambalwa azokwehlula amasosha akwaMidiyani angu-135 000.

Phakathi nalobo busuku, uJehova wathi kuGideyoni: ‘Manje yisikhathi sokuba nihlasele abakwaMidiyani!’ UGideyoni wanika amadoda izimpondo nezimbiza ezinkulu ezinezibani. Wawatshela: ‘Nibuke mina bese nenza lokho engizokwenza.’ UGideyoni wafutha uphondo lwakhe, waphahlaza imbiza, wazulisa isibani wabe esememeza: ‘Inkemba kaJehova nekaGideyoni!’ Wonke amadoda angu-300 enza okufanayo. AbakwaMidiyani besaba kakhulu futhi babaleka basakazekela kuyo yonke indawo. Bedidekile, babulalana bodwa. Nalapha, uJehova wawasiza ama-Israyeli anqoba izitha zawo.

Amasosha akwaMidiyani ayesaba

“Ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu, angaveli kithi.”—2 Korinte 4:7

Imibuzo: UJehova wamqinisekisa kanjani uGideyoni ukuthi ukhethe yena? Kungani ibutho likaGideyoni lalinamasosha angu-300 kuphela?

AbaHluleli 6:1–16; 6:36–7:25; 8:28

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela