Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 32 k. 80-k. 81 isig. 2
  • Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngokholo, UBbharaki Wangquzula Ibutho Elinamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Abesifazane Abanesindi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Ngisukuma Njengomama Kwa-Israyeli”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Nakanjani Ngizohamba Nawe”
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 32 k. 80-k. 81 isig. 2
UBharaki ubiza uDebora ukuba ahambe naye

ISIFUNDO 32

Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi

Ngemva kokuhola abantu bakaJehova iminyaka eminingi, uJoshuwa wafa eneminyaka engu-110. Ngesikhathi esaphila, ama-Israyeli ayekhonza uJehova. Kodwa ngemva kokuba uJoshuwa eseshonile, aqala ukukhonza izithombe, njengoba kwakwenza abaseKhanani. Ngenxa yokuthi ama-Israyeli ayeka ukukhonza uNkulunkulu, uJehova wavumela inkosi yaseKhanani uJabini ukuba iwacindezele. Abantu bancenga uJehova ukuba abasize. Ngakho uJehova wabanika umholi omusha, uBharaki. Wayezosiza abantu babuyele kuJehova.

UDebora, umprofethikazi, wabiza uBharaki. Wayenomyalezo ovela kuJehova, othi: ‘Thatha amadoda angu-10 000 uhambe nawo uyolwa nebutho likaJabini emfudlaneni waseKishoni. Nizomehlula uSisera, isikhulu sebutho likaJabini.’ UBharaki wathi kuDebora: ‘Ngizohamba kuphela uma uzohamba nami.’ UDebora wathi: ‘Ngizohamba nawe. Kodwa yazi ukuthi akuwena ozobulala uSisera. UJehova uthe uzobulawa owesifazane.’

UDebora wahamba noBharaki nebutho lakhe baya eNtabeni iThabori balungiselela impi. Ngokushesha nje lapho uSisera ezwa lokho, wabuthela ndawonye izinqola zakhe zempi namabutho akhe empi behlela esigodini. UDebora wathi kuBharaki: ‘Namuhla uJehova uzokusiza unqobe le mpi.’ UBharaki namadoda angu-10 000 ayekanye naye bagijima besuka entabeni, behlela esigodini ukuyolwa nebutho likaSisera elinamandla.

UJehova wabe esebangela ukuba umfudlana waseKishoni ube nezikhukhula. Izinqola zikaSisera zabhajwa odakeni. USisera wayishiya inqola yakhe wabaleka ngezinyawo. UBharaki namasosha akhe balinqoba ibutho likaSisera, kodwa uSisera waphunyuka! Wabaleka waze wayofika etendeni lowesifazane okuthiwa uJayeli, wacasha kulo. Lona wesifazane wamnika ubisi ngemva kwalokho wamembathisa ingubo yokulala. Leli qhawe elalikhathele lazumeka lalala. UJayeli wabe esemnyonyobela uSisera wamgwaza ekhanda ngesikhonkwane setende, wafa.

UBharaki noDebora badumisa uJehova ngengoma

UBharaki wafika kuleyo ndawo efuna uSisera. UJayeli waphuma etendeni wabe esethi kuye: ‘Woza ngizokubonisa umuntu omfunayo.’ UBharaki wangena wabona uSisera elele phansi efile. UBharaki noDebora badumisa uJehova ngengoma ngenxa yokuthi wasiza ama-Israyeli anqoba izitha zawo. Kwaphela iminyaka engu-40 kunokuthula kwa-Israyeli.

“Abesifazane abamemezela izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”—IHubo 68:11

Imibuzo: UDebora wawasiza kanjani ama-Israyeli? UJayeli wasibonisa kanjani isibindi?

AbaHluleli 4:1–5:31

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela