Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 25 k. 64-k. 65 isig. 3
  • Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lazise Ilungelo Onalo Lokukhonza Ethempelini LikaJehova Elingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Itende Lokukhulekela
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • “Indlu Yomthandazo Yazo Zonke Izizwe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Eksodusi Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 25 k. 64-k. 65 isig. 3
Itabernakele negceke lalo

ISIFUNDO 25

Itabernakele Okwakukhonzwa Kulo

Ngesikhathi uMose eseNtabeni iSinayi, uJehova wathi akenze itende elikhethekile elibizwa ngokuthi itabernakele, lapho ama-Israyeli ayengamkhonza khona. Babezokwazi ukulithwala njengoba babehamba.

UJehova wathi: ‘Tshela abantu ukuba banikele ngalokho abanakho ukuze kwakhiwe itabernakele.’ Ama-Israyeli anikela ngegolide, isiliva, ithusi, amatshe ayigugu nobucwebe. Banikela nangewuli, ilineni, izikhumba zezilwane nezinye izinto eziningi. Babenezandla ezivulekile kangangokuba uMose waze wathi: ‘Sekwanele manje! Ningabe nisakuletha okunye.’

Ama-Israyeli aletha izipho ezizosiza kwenziwe itabernakele

Amadoda nabesifazane abaningi abanekhono basiza ekwenzeni itabernakele. UJehova wabapha ukuhlakanipha ukuze bakwazi ukwenza lo msebenzi. Abanye babephotha futhi beluka iwuli. Kanti abanye babehlela amatshe, besebenza ngegolide noma begawula izinkuni.

Abantu benza itabernakele ngendlela uJehova ayebatshele ukuba balenze ngayo. Benza ikhethini elihle elalizohlukanisa itabernakele kabili, kube iNgcwele neNgcwelengcwele. ENgcwelengcwele kwakunebhokisi elibizwa ngokuthi umphongolo wesivumelwano. Wawenziwe ngokhuni lomtholo negolide. ENgcwele kwakukhona uthi lwesibani segolide, itafula ne-altare lokushisa impepho. Egcekeni kwakukhona isitsha sethusi ne-altare elikhulu. Umphongolo wesivumelwano wawukhumbuza ama-Israyeli ngesifungo ayesenze kuJehova. Uyazi ukuthi siyini isivumelwano? Isifungo noma isithembiso esikhethekile.

UJehova wakhetha u-Aroni namadodana akhe ukuba bakhonze etabernakele njengabapristi. Kwakufanele balinakekele futhi bayenze lapho imihlatshelo kuJehova. U-Aroni kuphela owayengumpristi ophakeme owayevunyelwe ukungena eNgcwelengcwele. Wayengena kanye ngonyaka ezonikela umhlatshelo wezono zakhe, izono zomndeni wakhe nezono zaso sonke isizwe sakwa-Israyeli.

Ama-Israyeli aqeda ukwenza itabernakele ngemva konyaka ephumile eGibhithe. Manje ayesenendawo yokukhonza uJehova.

UJehova wagcwalisa itabernakele ngenkazimulo yakhe futhi wenza ukuba kuvele ifu phezu kwalo. Uma nje ifu liphezu kwetabernakele, ama-Israyeli ayehlala lapho. Kodwa lapho ifu liphakama babazi ukuthi kufanele bahambe. Babeliqaqa itabernakele bese belandela ifu.

“Ngemva kwalokho ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo.’”—IsAmbulo 21:3

Imibuzo: Yini uJehova athi uMose akayenze? Yimiphi imisebenzi uJehova ayinika u-Aroni namadodana akhe?

Eksodusi 25:1-9; 31:1-11; 40:33-38; Hebheru 9:1-7

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela