Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 9 k. 28-k. 29 isig. 1
  • Ekugcineni Bathola Indodana!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ekugcineni Bathola Indodana!
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • U-Abrahama noSara—Ungalulingisa Ukholo Lwabo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • “Ungowesifazane Omuhle”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Akazange Abheke Emuva
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 9 k. 28-k. 29 isig. 1
Njengoba izingelosi zikhuluma no-Abrahama, uSara ulalele ngaphakathi etendeni

ISIFUNDO 9

Ekugcineni Bathola Indodana!

Kwase kuphele iminyaka eminingi u-Abrahama noSara beshadile. Babeshiye ikhaya labo elintofontofo e-Uri, manje babehlala ematendeni. Kodwa uSara akazange akhononde ngoba wayethembele kuJehova.

USara wayefuna ingane kangangokuba wathi ku-Abrahama: ‘Uma incekukazi yami uHagari ingathola ingane, ngingayiphathisa okwengane yami.’ Ngokuhamba kwesikhathi, uHagari wayithola indodana. Igama layo kwakungu-Ishmayeli.

USara ukhulelwe

Ngemva kweminyaka eminingi, lapho u-Abrahama eneminyaka engu-99, uSara eneminyaka engu-89 bavakashelwa amadoda amathathu. U-Abrahama wawacela ukuba ahlale ngaphansi kwesihlahla aphumule, wabe esewenzela ukudla. Uyazi ukuthi ayengobani lawo madoda? Kwakuyizingelosi! Zathi ku-Abrahama: ‘Ngonyaka ozayo ngalesi sikhathi, wena nomkakho nizothola indodana.’ USara wayelalele esetendeni. Wabe esehleka njengoba ezibuza: ‘Usho ukuthi ngingathola ingane ngempela njengoba sengiguge kanje?’

Ngonyaka olandelayo, uSara wazala indodana njengoba nje ingelosi kaJehova yayithembisile. U-Abrahama wayiqamba igama elithi Isaka elisho ukuthi “Ukuhleka.”

Lapho u-Isaka eneminyaka engu-5 uSara wabona u-Ishmayeli ehlekisa ngaye. Wayefuna ukuvikela indodana yakhe, ngakho watshela u-Abrahama ukuba axoshe uHagari no-Ishmayeli. Ekuqaleni, u-Abrahama wenqaba ukwenza lokho. Kodwa uJehova wathi ku-Abrahama: ‘Lalela uSara. Ngizomnakekela u-Ishmayeli. Kodwa izithembiso zami ngizozigcwalisa ngo-Isaka.’

USara ubambe u-⁠Isaka njengoba uHagari no-Ishmayeli behamba

“Ngokholo uSara wakhulelwa . . . ngenxa yokuthi wayenokholo lokuthi uthembekile Lowo owayethembisile.”—Hebheru 11:11

Imibuzo: Yini uSara ayizwa ngesikhathi izingelosi zikhuluma no-Abrahama? UJehova wamvikela kanjani u-Isaka?

Genesise 16:1-4, 15, 16; 17:25-27; 18:1-15; 21:1-14; Hebheru 11:11

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela