Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ypq umbuzo 9 kk. 27-29
  • Ingabe Kufanele Ngikholelwe Ekuziphendukeleni Kwemvelo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngikholelwe Ekuziphendukeleni Kwemvelo?
  • Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intsha Iyabuza—Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo—Ingxenye 2
    Intsha Iyabuza
  • Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?
    Intsha Iyabuza
  • Ukukhohlisa Kwesayensi—Ukukhohlisa Okukhulu Kakhulu
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kuyavumelana NeBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
ypq umbuzo 9 kk. 27-29
Abafundi babuka ithambo lekhanda ekilasini

UMBUZO 9

Ingabe Kufanele Ngikholelwe Ekuziphendukeleni Kwemvelo?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Uma ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso, kusho ukuthi ukuphila akunayo injongo. Uma kuyiqiniso ukuthi izinto zadalwa, singazithola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo ephathelene nokuphila nekusasa.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalokhu: UMxolisi udidekile. Ubelokhu ekholelwa kuNkulunkulu nasekutheni izinto zadalwa. Kodwa namhlanje uthisha wakhe we-biology ugomele ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso, wathi kusekelwe ocwaningweni oluthembekile lwesayensi. UMxolisi akafuni ukubonakala eyisilima. Uyazitshela, ‘Uma isayensi ifakazela ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso, ngingubani mina ukuba ngingakungabaza lokho?’

Ukube ubunguMxolisi, ubungakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngoba nje izincwadi zesikole zithi kuyiqiniso?

YIMA UCABANGE!

Abantu abakholelwa kulezi zimfundiso zombili bayashesha ukusho ukuthi yini abayikholelwayo yize bengazi ngempela ukuthi kungani beyikholelwa leyo nto.

  • Abanye abantu bakholelwa ukuthi izinto zadalwa, ngoba yilokho abakufundiswa esontweni.

  • Abanye bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, ngoba yilokho abakufundiswa esikoleni.

IMIBUZO EYISITHUPHA ONGACABANGA NGAYO

IBhayibheli lithi: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Hebheru 3:4) Kunengqondo yini ukukukholelwa lokhu?

Insizwa ibuka indlu

Ukuthi akekho umuntu owadala ukuphila akuhlakaniphile kufana nokuthi le ndlu ayakhiwanga muntu

OKUSHIWOYO: Yonke into yaba khona ngenxa yokuqhuma okukhulu okwazenzakalela.

1. Ubani noma yini eyabangela lokho kuqhuma?

2. Ikuphi okuzwakala kunengqondo—ukuthi zonke izinto zavele zaba khona nje noma ukuthi zonke izinto zadalwa othile?

OKUSHIWOYO: Abantu bavela ezilwaneni.

3. Uma abantu bavela ezilwaneni—ngokwesibonelo, ezimfeneni—kungani kunomehluko omkhulu kangaka phakathi kwezinto ezihlakaniphile ezenziwa abantu nalezo ezenziwa izimfene?

4. Kungani ngisho nezinto ezincane eziphilayo ziyinkimbinkimbi kangaka?

OKUSHIWOYO: Kunobufakazi bokuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso.

5. Ingabe umuntu osho lokhu usebuhlolile yena lobo bufakazi?

6. Bangaki abantu abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngoba nje batshelwa ukuthi bonke abantu abahlakaniphile bayakukholelwa?

“Ukube ubuhamba ehlathini bese ubona indlu enhle, ingabe ubungathi: ‘Yaze yayinhle! Kumelwe ukuba izihlahla ziwe ngendlela efanele kwabe sekwakheka le ndlu.’ Ubungeke! Akuhlakaniphile ukucabanga kanjalo. Kungani-ke kufanele sikholelwe ukuthi zonke izinto ezisemhlabeni zazivelela?”—UJabulile.

“Ake sithi othile ukutshele ukuthi kunento eqhume efekthri yokunyathelisa, u-inki wachitheka wasakazeka ezindongeni naphezulu ophahleni wabe usubhala amagama asesichazamazwini. Ubungamkholwa?”—UNontobeko.

KUNGANI KUMELWE UKHOLELWE KUNKULUNKULU?

IBhayibheli likukhuthaza ukuba usebenzise ‘amandla akho okucabanga.’ (Roma 12:1) Lokho kusho ukuthi ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu akufanele kusekelwe

  • ENDLELENI OZIZWA NGAYO (Nginomuzwa wokuthi kumelwe ukuba ukhona umuntu onamandla)

  • ETHONYENI LABANYE (Ngihlala emphakathini osontayo)

  • EKUTHENI ABANTU BAZOTHINI (Abazali bami bangifundisa ukuba ngikholelwe kuNkulunkulu—akukho engangingakwenza)

Esikhundleni salokho, kufanele ube nezizathu ezizwakalayo zento oyikholelwayo.

“Uma ngisekilasini ngilalele uthisha echaza indlela imizimba yethu esebenza ngayo, angingabazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ilunga ngalinye lomzimba linomsebenzi walo, noma ngabe mncane kangakanani, futhi ngokuvamile amalunga enza le misebenzi singanakile. Umzimba womuntu ukushiya umangele ngempela!”—UThabile.

“Lapho ngibona ibhilidi eliphakeme, umkhumbi noma imoto, ngiyazibuza, ‘Ubani owakha le nto?’ Ukwakha imoto, ngokwesibonelo, kudinga abantu abahlakaniphile ngoba izingxenye eziningi kudingeka zisebenze ngendlela efanele ukuze ikwazi ukuhamba. Uma kudingeka kube nomuntu oklama izimoto, nabantu-ke nabo kudingeka kube nomuntu owabadala.”—UKwanele.

“Lapho ngifunda kakhulu isayensi, ukuziphendukela kwemvelo kwabonakala kungenasisindo. . . . Ngibona sengathi udinga ‘ukholo’ olukhulu ukuze ukholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo kunalolo oludingayo ukuze ukholelwe ukuthi kukhona uMdali.”—UThulani.

OKUMELWE UCABANGE NGAKHO

Naphezu kokuba ososayensi sebecwaninge iminyaka eminingi, abakayitholi incazelo yokuziphendukela kwemvelo abavumelana ngayo bonke. Uma ososayensi bengavumelani ngokuziphendukela kwemvelo—kube kulindeleke ukuba babe ochwepheshe—wena unephutha yini uma uyingabaza le mfundiso?

OKUMELWE UKWENZE

  • Ake sithi ingane ofunda nayo ithi kuwe: “Angikholelwa kuNkulunkulu. Wena uyakholelwa kuye?” Bhala phansi lokho ongase ukusho.

THOLA OKWENGEZIWE!

Okushiwo Ontanga Yakho—Ukukholelwa KuNkulunkulu

Bukela i-video enesihloko esithi Okushiwo Ontanga Yakho—Ukukholelwa KuNkulunkulu engosini ethi www.jw.org/zu. (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela