Uhlu Lokuphakathi
INGXENYE 1 KUNGANI KUFANELE UBUYELE KUJEHOVA?
Abantu bakaJehova ngezikhathi zeBhayibheli babhekana nezinselele ezifana nezethu namuhla. UJehova wabakhumbula wabasiza futhi ngokuvumelana nesithembiso sakhe uzokwenza okufanayo nakithi. NjengoMalusi okhathalelayo nonothando, uJehova uyazifuna izimvu zakhe ezilahlekile futhi azimeme ukuba zibuyele kuye.
Ingxenye 1 “Elahlekile Ngiyoyifuna”
INGXENYE 2-4 YIZIPHI IZINTO EZINGENZA KUBE NZIMA UKUBUYELA KUJEHOVA?
Ngisho nabakhulekeli bakaJehova abaqotho ngezinye izikhathi babekhathazeka, bezwe ubuhlungu futhi babe nomuzwa wecala, okuyizinto ezaziphazamisa inkonzo yabo. Hlola indlela uJehova abasiza ngayo ukuba babuyele kuye, baphinde bazihlanganise nabantu bakhe futhi bathole injabulo.
Ingxenye 2 Ukukhathazeka—“Sicindezelwe Ngazo Zonke Izindlela”
Ingxenye 3 Imizwa Ebuhlungu—Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’
Ingxenye 4 Umuzwa Wecala “Ngihlanze Ngisho Nasesonweni Sami”
INGXENYE 5 INDLELA ONGABUYELA NGAYO KUJEHOVA
Hlola ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova ufuna ubuyele kuye. Funda ngendlela amaKristu amaningana aye abuyela ngayo kuJehova, indlela ibandla eliwamukele ngayo nendlela abadala abaye bawasiza ngayo ukuba aphinde ashiseke ekukhonzeni uJehova.