Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 93 k. 218-k. 219 isig. 3
  • INdodana Yomuntu Izokwambulwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INdodana Yomuntu Izokwambulwa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho INdodana Yomuntu Yembulwa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Lapho INdodana Yomuntu Yembulwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Uphawu Lokuphela Kwesimiso Sezinto
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 93 k. 218-k. 219 isig. 3
Umkhumbi kaNowa untanta emanzini

ISAHLUKO 93

INdodana Yomuntu Izokwambulwa

LUKA 17:20-37

  • UMBUSO UPHAKATHI KWABO

  • KUYOBA NJANI UKWAMBULWA KUKAJESU?

Kungenzeka ukuthi uJesu usaseSamariya noma eGalile. Manje abaFarisi bambuza ngokufika koMbuso abalindele ukuba ube umkhosi othile owubukhazikhazi. Nokho, uJesu uthi: “UMbuso kaNkulunkulu awuzi ngokubonakala okuphawulekayo; futhi abantu ngeke bathi, ‘Bhekani nanku!’ noma, ‘Nankuya!’ Ngoba bhekani! uMbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.”—Luka 17:20, 21.

Abanye bangaphetha ngokuthi uJesu uthi uMbuso ubusa ngaphakathi ezinhliziyweni zezikhonzi zikaNkulunkulu. Kodwa akunjalo ngoba uMbuso awukho ezinhliziyweni zabaFarisi, labo uJesu akhuluma nabo. Kodwa uphakathi kwabo ngoba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ekhethiwe, uJesu, ilapho phakathi kwabo.—Mathewu 21:5.

Cishe ngemva kokuba abaFarisi sebehambile, uJesu unikeza abafundi bakhe eminye imininingwane mayelana nokuza koMbuso. UJesu uqala ukuxwayisa mayelana nokuba khona kwakhe emandleni oMbuso uthi: “Kuyofika izinsuku lapho niyofisa khona isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ibe nani, kodwa ngeke nisibone.” (Luka 17:22) UJesu ubonisa ukuthi iNdodana yomuntu iyobusa eMbusweni esikhathini esizayo. Ngaphambi kokuba leso sikhathi sifike, kungenzeka abanye abafundi bayozama kanzima ukuwufuna, kodwa kuyodingeka baqhubeke belindile, kuze kube yilapho kufika isikhathi uNkulunkulu asimisile sokuba iNdodana yomuntu ifike.

UJesu uqhubeka athi: “Abantu bayothi kini, ‘Bhekani nanguya!’ noma, ‘Bhekani nangu!’ Ningaphumi futhi ningabalandeli. Ngoba, njengoba nje umbani ubanika kusukela kwenye ingxenye yezulu kuya kwenye ingxenye yezulu, iyoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.” (Luka 17:23, 24) Yini eyovimbela abalandeli bakaJesu ukuba bangalandeli omesiya bamanga? UJesu uthi ukuza kukaMesiya weqiniso kuyobonakala njengombani endaweni evulekile. Bonke abaqaphelayo bayobubona ngokucacile ubufakazi bokubusa kwakhe.

UJesu uqhathanisa izenzakalo zakudala ukuze abonise ukuthi siyobe sinjani isimo sengqondo sabantu esikhathini esizayo, uthi: “Njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaNowa, kuyoba njalo nasezinsukwini zeNdodana yomuntu . . . Ngokufanayo, njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaLoti: babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha. Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma, kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini kwababhubhisa bonke. Kuyokwenzeka okufanayo nangalolo suku lapho kwambulwa iNdodana yomuntu.”—Luka 17:26-30.

UJesu akaqondile ukuthi abantu bangesikhathi sikaNowa nesikaLoti babhujiswa ngenxa yokuthi babenza izinto ezivamile ezifana nokudla, ukuphuza, ukuthenga, ukuthengisa, ukutshala nokwakha. UNowa, uLoti nemindeni yabo babezenza ezinye zalezi zinto. Kodwa abanye abantu ababenza lezi zinto, babengayiqapheli intando kaNkulunkulu futhi babenganakile ukuthi baphila kusiphi isikhathi. Yingakho uJesu exwayisa abafundi bakhe ukuba bagxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu futhi bazimisele ukuyenza ngokugcwele. Ngaleyo ndlela, ubabonisa ukuthi bangasindiswa kanjani lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso esikhathini esizayo.

UmkaLoti uphenduka insika kasawoti

Abafundi kumelwe bagweme ukuphazanyiswa izinto zaleli zwe ezibazungezile, ‘izinto ezisemuva.’ UJesu uthi: “Ngalolo suku umuntu ophezu kwendlu kodwa ompahla yakhe isendlini makangehli ayithathe, nomuntu ongaphandle ensimini, naye akumelwe abuyele ezintweni ezisemuva. Khumbulani umkaLoti.” (Luka 17:31, 32) UmkaLoti waba insika kasawoti.

Eqhubeka nokuchaza isimo esiyoba khona lapho iNdodana yomuntu ibusa njengeNkosi, uJesu uthi kubafundi bakhe: “Ngalobo busuku abantu ababili bayobe besembhedeni owodwa; omunye uyothathwa, kodwa omunye uyoshiywa.” (Luka 17:34) Ngakho abanye bayosindiswa, kodwa abanye bayoshiywa, balahlekelwe ukuphila kwabo.

Abafundi bayambuza: “Kuphi, Nkosi?” UJesu uyaphendula: “Lapho kukhona khona isidumbu, kulapho futhi izinkozi ziyobuthanela khona.” (Luka 17:37) Yebo, abanye bayoba njengezinkozi ezibona zikude. Laba bafundi bayokwazi ukumbona uKristu weqiniso, iNdodana yomuntu, babuthane baye kuye. Ngaleso sikhathi, uJesu uyonikeza abafundi bakhe iqiniso elisindisa ukuphila kulabo abanokholo kuye.

  • Kukanjani uMbuso uphakathi kwabaFarisi?

  • Kungayiphi indlela ukufika kukaKristu kuyoba njengombani?

  • Kungani abafundi bakaJesu kudingeka baqaphe lapho iNdodana yomuntu ifika?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela