Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 91 k. 214-k. 215 isig. 4
  • ULazaru Uyavuswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ULazaru Uyavuswa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho ULazaru Evuswa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Lapho Kuvuswa ULazaru
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Umpristi Ophakeme Owalahla UJesu Ngecala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • UJesu Uyiswa Ku-Anase Bese Eyiswa KuKayafase
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 91 k. 214-k. 215 isig. 4
UMarta noMariya babukele uJesu njengoba evusa umfowabo

ISAHLUKO 91

ULazaru Uyavuswa

JOHANE 11:38-54

  • UKUVUSWA KUKALAZARU

  • ISANHEDRINI ICEBA UKUBULALA UJESU

Ngemva kokuba uJesu ehlangane noMarta noMariya eduze kwaseBhethaniya, baya ethuneni likaLazaru. Liwumhume livalwe ngetshe. UJesu uthi kubo: “Susani itshe.” UMarta uyakhathazeka, engaqondi ukuthi uJesu ufuna ukwenzani. Uthi: “Nkosi, kumelwe ukuba manje useyanuka, ngoba sekuyizinsuku ezine.” Kodwa uJesu uthi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ungase ukholwe, uzobona inkazimulo kaNkulunkulu?”—Johane 11:39, 40.

Ngakho liyasuswa itshe. UJesu ubheka phezulu bese ethandaza athi: “Baba, ngiyakubonga ngoba ungizwile. Yiqiniso, bengazi ukuthi uyangizwa ngaso sonke isikhathi; kodwa ngikhulume ngenxa yalesi sixuku esimi lapha, ukuze sikholwe ukuthi wena ungithumile.” Umthandazo kaJesu ubonisa labo ababukele ukuthi amandla alokhu azokwenza avela kuNkulunkulu. UJesu ube esememeza ngezwi elikhulu athi: “Lazaru, phuma!” Nangempela uLazaru uyaphuma, izandla zakhe nezinyawo ziboshwe ngendlela okusongwa ngayo umuntu ofile futhi ubuso bakhe bumbozwe ngendwangu. UJesu uthi: “Mqaqeni nimyeke ahambe.”—Johane 11:41-44.

AmaJuda amaningi abezoduduza uMariya noMarta, ayasibona lesi simangaliso bese eba nokholo kuJesu. Kodwa abanye bayahamba bayotshela abaFarisi ngalokho uJesu akwenzile. AbaFarisi nabapristi abakhulu babamba umhlangano enkantolo ephakeme yamaJuda, iSanhedrini. Kulowo mhlangano, kukhona nompristi ophakeme, uKayafase. Abanye kubo bayakhala bathi: “Sizokwenzenjani, ngoba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi? Uma simyeka aqhubeke enza ngale ndlela, bonke bazokholwa nguye, amaRoma azofika athathe indawo yethu nesizwe sethu.” (Johane 11:47, 48) Nakuba ezizwele ngezawo kofakazi bokuzibonela ukuthi uJesu “wenza izibonakaliso eziningi,” la madoda awajabuli ngalokho uNkulunkulu akwenzayo esebenzisa uJesu. Into akhathazeke ngayo kakhulu izikhundla zawo nokuba negunya phezu kwabantu.

AmaJuda atshela abaFarisi ngokuvuswa kukaLazaru

Ukuvuswa kukaLazaru kwabagqema engeqiwa ntwala abaSadusi abangakholelwa ovukweni. UKayafase, ongumSadusi, obelokhu ethule, uyakhuluma athi: “Nina anazi lutho, futhi anicabangi ukuthi kuzuzisa nina ukuba umuntu oyedwa afe ngenxa yabantu, kunokuba kubhujiswe sonke isizwe.”—Johane 11:49, 50; IzEnzo 5:17; 23:8.

Ebheka isikhundla sikaKayafase njengesingcwele, uNkulunkulu umbangela ukuba asho lokhu—‘akakusho ngokuzisukela kuye.’ UKayafase uqonde ukuthi uJesu kufanele abulawe ukuze avinjwe ekuqhubekeni ebukela phansi igunya nethonya labaholi benkolo abangamaJuda. Isiprofetho sikaKayafase siveza iqiniso lokuthi ngokufa kwakhe, uJesu wayeyoba yisihlengo, hhayi nje samaJuda kuphela kodwa sabo bonke “abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile.”—Johane 11:51, 52.

UKayafase uyaphumelela ekuthonyeni iSanhedrini ukuba yenze amacebo okubulala uJesu. UNikhodemu, oyilungu leSanhedrini futhi osondelene noJesu, uzomtshela yini ukuthi bafuna ukumbulala? Kunoma ngabe yikuphi, uJesu uhamba ngokushesha eJerusalema, ngaleyo ndlela agweme ukubulawa singakafiki isikhathi esimiswe uNkulunkulu.

  • Benzenjani labo ababona uLazaru evuswa?

  • Yini eyembula ububi bamalungu eSanhedrini?

  • Naphezu kwezinhloso zikaKayafase, yini uNkulunkulu amenza ukuba ayiprofethe?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela