Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 85 k. 198-k. 199 isig. 3
  • Injabulo Ngesoni Esiphendukayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Injabulo Ngesoni Esiphendukayo
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Okulahlekileyo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukufuna Okulahlekileyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ingabe Uyosilingisa Isihe SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indodana Ebilahlekile Iyabuya
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 85 k. 198-k. 199 isig. 3
Owesifazane uyajabula lapho ethola uhlamvu lwemali lwesiliva

ISAHLUKO 85

Injabulo Ngesoni Esiphendukayo

LUKA 15:1-10

  • UMFANEKISO WEMVU ELAHLEKILE NOHLAMVU LWEMALI OLULAHLEKILE

  • IZINGELOSI EZULWINI ZIYAJABULA

Izikhathi eziningi phakathi nenkonzo yakhe, uJesu ugcizelele ukubaluleka kokuthobeka. (Luka 14:8-11) Uzimisele ukuthola abesilisa nabesifazane abafisa ukukhonza uNkulunkulu ngokuzithoba. Kodwa kuze kube manje, abanye babo baseyizoni ezimbi kakhulu.

Indoda edelelayo engumJuda ifake ibhokisi elinemiBhalo esiphongweni

AbaFarisi bayabona ukuthi abantu abanjalo—abababheka njengabangelusizo lwalutho—bayamthanda uJesu nomyalezo wakhe. Bayakhononda bathi: “Lo muntu wamukela izoni adle nazo.” (Luka 15:2) AbaFarisi nababhali bazibona bengcono bese bephatha abantu abavamile njengothuli olungaphansi kwezinyawo zabo. Bebonisa inzondo yabo ngabantu abanjalo, abaholi basebenzisa igama lesiHebheru elithi ʽam ha·ʼaʹrets, elisho ukuthi “abantu bezwe” lapho bekhuluma ngabo.

Ngokungafani nalaba baholi, uJesu uphatha bonke abantu ngesizotha, ngomusa nangozwela. Abaningi kulaba abaphansi, okuhlanganisa nalabo abaziwayo ukuthi bayizoni, bazimisele ukulalela uJesu. Kodwa uJesu uzizwa kanjani futhi usabela kanjani lapho egxekwa ngokusiza labo ababukelwa phansi?

Impendulo iba sobala lapho esho umfanekiso othinta inhliziyo ofana nalowo ake wawusho eKapernawume. (Mathewu 18:12-14) UJesu uveza abaFarisi njengokungathi balungile futhi baphephile esibayeni sikaNkulunkulu. Ngokungafani nabaFarisi, abantu abaphansi bavezwa njengalabo abadukile nabangazi nokuthi lidumephi. UJesu uthi:

Umalusi uyajabula lapho ethola imvu yakhe ebilahlekile njengoba eyitshathe emahlombe

“Ubani phakathi kwenu ongathi enezimvu ezingu-100, okungathi lapho elahlekelwa eyodwa kuzo angazishiyi ezingu-99 ehlane ahambe ayofuna elahlekile aze ayithole? Lapho eseyitholile, uyayitshatha ajabule. Lapho efika ekhaya, ubiza abangane bakhe nomakhelwane bakhe, athi kubo, ‘Jabulani kanye nami, ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’”—Luka 15:4-6.

Yini uJesu azama ukuyisho? Uyachaza: “Ngiyanitshela ngithi ngendlela efanayo, kuyoba nenjabulo eyengeziwe ezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo kunabangu-99 abalungile abangenasidingo sokuphenduka.”—Luka 15:7.

Kufanele ngabe abaFarisi bayathinteka njengoba uJesu ekhuluma ngokuphenduka. Bazibheka njengabalungile futhi abasiboni isidingo sokuba baphenduke. Lapho othile egxeka uJesu eminyakeni embalwa edlule ngenxa yokuthi wayedla nabaqoqi bentela nezoni, waphendula wathi: “Ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” (Marku 2:15-17) AbaFarisi abazibona belungile bayehluleka ukubona isidingo sokuphenduka, futhi ngenxa yalokho ayikho injabulo abayiletha ezulwini. Kodwa kuhlukile ngezoni eziphenduka ngempela.

Egcizelela iphuzu lokuthi kuba nenjabulo enkulu ezulwini lapho isoni siphenduka, uJesu usho omunye umfanekiso okhuluma ngokwenzeka emzini othile: “Ukhona yini owesifazane onezinhlamvu zesiliva eziyishumi, okuthi uma elahlekelwa uhlamvu lwesiliva olulodwa, angakhanyisi isibani ashanele indlu yakhe alufune ngokucophelela aze aluthole? Lapho eselutholile, ubiza abangane bakhe nomakhelwane, athi, ‘Jabulani kanye nami, ngoba ngilutholile uhlamvu lwesiliva obelungilahlekele.’”—Luka 15:8, 9.

Iphuzu uJesu azama ukuliveza ngalo mfanekiso liyafana nalelo alisho emfanekisweni wemvu elahlekile. Manje uthi: “Ngendlela efanayo, ngiyanitshela, kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”—Luka 15:10.

Cabanga nje, izingelosi zikaNkulunkulu zijabula kakhulu lapho izoni ezilahlekile ziphenduka! Lokho kuphawuleka ngempela ngoba izoni eziphendukayo futhi zithole indawo eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini, ziyothola izikhundla ezingaphezu kwezezingelosi! (1 Korinte 6:2, 3) Kodwa izingelosi azinawo umona. Thina-ke kufanele sizizwe kanjani lapho isoni siphenduka ngokuphelele futhi sibuyela kuNkulunkulu?

  • Kungani uJesu ayechitha isikhathi nezoni ezaziwayo?

  • AbaFarisi babebabheka kanjani abantu abavamile, kodwa uJesu yena wayebaphatha kanjani?

  • Yisiphi isifundo uJesu asifundisayo esebenzisa imifanekiso emibili?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela