Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 79 k. 184-k. 185 isig. 2
  • Ukubhujiswa KwamaJuda Angakholwa Sekusondele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhujiswa KwamaJuda Angakholwa Sekusondele
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizwe Esidukile, Kodwa Hhayi Sonke
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isizwe Esidukile, Kodwa Hhayi Sonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Yilowo Nalowo Uyohlala Ngaphansi Komkhiwane Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • ISabatha
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 79 k. 184-k. 185 isig. 2
UJesu welapha owesifazane ngeSabatha, umphathi wesinagoge kuyamcasula lokhu

ISAHLUKO 79

Ukubhujiswa KwamaJuda Angakholwa Sekusondele

LUKA 13:1-21

  • UJESU UKHULUMA NGEZINHLEKELELE EZIMBILI BESE EFUNDISA OKUTHILE NGAZO

  • OWESIFAZANE OKHUBAZEKILE UYELASHWA NGESABATHA

UJesu usezame izindlela eziningi ukuze enze abantu bacabange ngobuhlobo babo noNkulunkulu. Elinye ithuba liyavela lapho exoxa nabantu ngaphandle kwendlu yomFarisi.

Abanye babo bakhuluma ngenhlekelele ethile. Bakhuluma “ngabaseGalile uPilatu [uMbusi WaseRoma UPontiyu] ayexube igazi labo nemihlatshelo yabo.” (Luka 13:1) Bakhuluma ngani?

Mhlawumbe laba baseGalile yibo ababulawa lapho izinkulungwane zamaJuda zibhikisha ngenxa yokuthi uPilatu wayesebenzise imali yethempeli ukuze akhe ibhuloho lokungenisa amanzi eJerusalema. Kungenzeka ukuthi le mali uPilatu wayithola esebenzisana nezikhulu zasethempelini. Kungenzeka nokuthi laba ababexoxa le ndaba, babenomuzwa wokuthi abaseGalile behlelwa yile nhlekelele ngoba babenza izenzo ezimbi. UJesu akavumelani nabo.

Uyababuza: “Ingabe nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni ezimbi kakhulu kunabo bonke abanye baseGalile ngoba beye bahlupheka ngalezi zinto?” UJesu uyakuphika lokho. Kodwa usebenzisa le ndaba ukuze axwayise amaJuda: “Ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa kanjalo.” (Luka 13:2, 3) UJesu uphinde akhulume ngenye inhlekelele cishe eyayisanda kwenzeka, okungenzeka ukuthi yayihlobene nokwakhiwa kwalelo bhuloho, bese ebabuza:

“Labo abangu-18 umbhoshongo waseSilowama owawela phezu kwabo wababulala—ingabe nicabanga ukuthi babenecala elikhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema?” (Luka 13:4) Kungenzeka isixuku sicabanga ukuthi labo bafa ngoba babenza izenzo ezimbi. Nalapha futhi uJesu akavumelani nabo. Uyazi ukuthi “isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile” zazingaba imbangela yale nhlekelele futhi. (UmShumayeli 9:11) Abantu kufanele bafunde kulesi sehlakalo. UJesu uthi: “Ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa njengabo.” (Luka 13:5) Kodwa kungani esekhuluma kangaka ngale ndaba manje?

Isihlahla somkhiwane esinamaqabunga kodwa esingatheli

Yingoba sesisincane kakhulu isikhathi esesimsalele enkonzweni yakhe, ngakho uyifanekisa kanje le ndaba: “Umuntu othile wayetshale isihlahla somkhiwane ensimini yakhe, wafika ezofuna izithelo kuso, kodwa akatholanga nesisodwa. Wathi kumgcini-sivini, ‘Sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna izithelo kulesi sihlahla somkhiwane, kodwa angitholanga nesisodwa. Sigawule! Kungani kufanele sikhule sibe singavezi zithelo?’ Ephendula wathi kuye, ‘Nkosi, siyeke sikhule omunye unyaka ngize ngimbe emaceleni aso ngifake umquba. Uma sithela izithelo esikhathini esizayo, kuhle; kodwa uma singatheli, uyobe ususigawula.’”—Luka 13:6-9.

Sekuyiminyaka engaphezu kwemithathu uJesu ezama ukwenza amaJuda abe nokholo. Nokho, ayembalwa kakhulu aba abalandeli bakhe, isithelo somsebenzi wakhe. Manje, sekuwunyaka wesine wenkonzo yakhe futhi uzama kanzima ukwenza abantu babe nokholo. Kunjengokungathi wayemba futhi efaka umquba esihlahleni somkhiwane esingamaJuda ngokushumayela nangokufundisa ePhereya. Uba yini umphumela? Ambalwa amaJuda amlalelayo. Isizwe sonke siyenqaba ukuphenduka, ngenxa yalokho sizobhujiswa.

Lokho kungalaleli kwawo kuyavela futhi, ngemva nje kweSabatha. UJesu ufundisa esinagogeni. Ubona owesifazane, osekuphele iminyaka engu-18 ekhubazekile noma eqhothile ngenxa yokuhlushwa idemoni. Ngenxa yokuthi wayemzwela, uJesu wathi kuye: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” (Luka 13:12) UJesu umbeka izandla, ngaso leso sikhathi ame aqonde bese eqala ukukhazimulisa uNkulunkulu.

Indoda engumIsrayeli ihola inkunzi iyikhiphe esitebeleni

Lokhu kuyamcasula umphathi wesinagoge, obe esethi: “Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; anokuza nelashwe ngazo, hhayi ngosuku lweSabatha.” (Luka 13:14) Lo mphathi akaphiki ukuthi uJesu unawo amandla okwelapha; kunalokho, ugxeka abantu ngokuza bezolashwa ngeSabatha! UJesu ube eseveza iphuzu elinengqondo: “Bazenzisi, ngamunye kini akayiqaqi yini inkomo yakhe noma imbongolo yakhe ngeSabatha esitebeleni ahambe nayo ayoyiphuzisa? Akufanele yini lona wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, nowayeboshwe uSathane iminyaka engu-18, ukuba akhululwe kulobu bugqila ngosuku lweSabatha?”—Luka 13:15, 16.

Abaphikisi baswela umgodi wokucasha, kodwa izixuku ziyajabula ngenxa yezinto ezimangalisayo ezibona uJesu ezenza. Lapha eJudiya, uJesu uphinda imifanekiso emibili engokwesiprofetho mayelana noMbuso, ayeyishilo ngesikhathi esesikebheni oLwandle LwaseGalile.—Mathewu 13:31-33; Luka 13:18-21.

  • Yiziphi izinhlekelele ezimbili uJesu azisebenzisayo ukuze axwayise, futhi uxwayisa uthini?

  • Umfanekiso wesihlahla somkhiwane esingatheli, usichaza kanjani isimo sesizwe samaJuda?

  • Yini egxekwa umphathi wesinagoge, futhi uJesu ubudalula kanjani ubuzenzisi bale ndoda?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela