Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 64 k. 152-k. 153 isig. 2
  • Isidingo Sokuthethelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isidingo Sokuthethelela
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifundo Sokuthethelela
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isifundo Ngokuthethelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Isizathu Sokuba Sixolele
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • “Ngubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 64 k. 152-k. 153 isig. 2
Inceku ibamba inceku ekanye nayo bese iyiklinya

ISAHLUKO 64

Isidingo Sokuthethelela

MATHEWU 18:21-35

  • INGABE KUFANELE UTHETHELELE IZIKHATHI EZIYISIKHOMBISA?

  • UMFANEKISO WENCEKU ENGENASIHE

UPetru usizwile iseluleko sikaJesu sendlela abazalwane okufanele basingathe ngayo ukungezwani ngokuzama ukukulungisa bebodwa. Nokho, kubonakala sengathi uPetru ufuna kubekwe inani lezikhathi umuntu okufanele athethelele ngazo.

UPetru uyabuza: “Nkosi, umfowethu kumelwe angone kangaki ngimthethelela? Kuze kube kasikhombisa?” Abanye abaholi benkolo bafundisa ukuthi umuntu kufanele athethelele izikhathi ezintathu kuphela. Ngakho kungenzeka uPetru ucabanga ukuthi uyobe enze umusa omkhulu uma ethethelela umfowabo “kuze kube kasikhombisa.”—Mathewu 18:21.

Nokho, umqondo wokubala izikhathi umuntu asone ngazo awuhambisani nemfundiso kaJesu. Ngakho uyamlungisa uPetru: “Cha, hhayi izikhathi eziyisikhombisa, kodwa kuze kube izikhathi ezingu-77.” (Mathewu 18:22) Ngamanye amazwi, lokho kusho ukuthi, izikhathi ezingenakubalwa. UPetru akufanele abale ukuthi umthethelela kangaki umfowabo.

Inkosi isula isikweletu senceku yayo

UJesu ube esexoxela uPetru nabanye indaba egcizelela isibopho abanaso sokuthethelela. Iphathelene nenceku ehluleka ukulingisa isihe senkosi yayo. Inkosi ifuna ukulungisa izindaba zezimali nezinceku zayo. Kulethwa inceku enesikweletu esikhulu samathalenta angu-10 000 [odenariyu abangu-60 000 000]. Ayikho indlela le nceku engakhokha ngayo leso sikweletu. Ngakho inkosi iyala ukuba le nceku, umkayo nezingane zayo bathengiswe bese kukhokhwa isikweletu. Ngakho le nceku iwa phansi ezinyaweni zenkosi yayo bese iyancenga ithi: “Ngibekezelele, ngizokukhokhela konke.”—Mathewu 18:26.

Inceku iphonsa inceku ekanye nayo ejele

Inkosi yayo iyayizwela bese ngesihe isesula lesi sikweletu esikhulu. Ngemva kokuba inkosi iyithethelele, le nceku iyahamba bese ihlangana nenye inceku ekanye nayo eyikweleta odenariyu abayikhulu. Ibamba le nceku iyiklinye ithi: “Khokha konke okukweletayo.” Kodwa le nceku ekanye nayo iwela ezinyaweni zale nceku eyikweletayo iyincenge ithi: “Ngibekezelele, ngizokukhokhela.” (Mathewu 18:28, 29) Nokho, le nceku ethethelelwe yinkosi isikweletu ayiyilingisi inkosi yayo. Iyala ukuba inceku ekanye nayo eyikweleta kancane iphonswe ejele kuze kube yilapho isikhokhe konke ekukweletayo.

Inkosi iyala ukuba inceku engenasihe ivalelwe ejele

UJesu uthi ezinye izinceku ezibona le mpatho engenasihe, ziyahamba ziyobikela inkosi, bese ibiza le nceku ithukuthele, ithi: “Nceku embi, ngisesule sonke lesiya sikweletu obunaso lapho ungincenga. Bekungafanele yini nawe ubonise inceku okanye nayo isihe, njengoba nami ngikubonise isihe?” Ithukuthele, le nkosi iyinikela konogada basejele kuze kube yilapho isikhokhe konke ekukweletayo. UJesu uphetha ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyokwenza kini ngendlela efanayo uma ngamunye wenu engamthetheleli umfowabo ngokusuka enhliziyweni.”—Mathewu 18:32-35.

Yeka isifundo esibalulekile lokhu okufanele kusifundise khona ngokuthethelela! UNkulunkulu usithethelele isikweletu esikhulu sesono. Noma ikuphi umfowethu ongumKristu asona ngakho, kuncane kakhulu uma kuqhathaniswa. UJehova usithethelela izikhathi eziyizinkulungwane hhayi kanye nje kuphela. Akufanele yini nathi simthethelele umfowethu izikhathi eziningana ngisho noma sinesizathu sokukhononda? Njengoba uJesu afundisa eNtshumayelweni yaseNtabeni, uNkulunkulu ‘uzosithethelela amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.’—Mathewu 6:12.

  • Yini eyenza uPetru abuze ngokuthethelela umfowabo, futhi kungani ecabanga ukuthi kuwumusa omkhulu ukuthethelela umuntu izikhathi eziyisikhombisa?

  • Indlela inkosi eyenza ngayo encekwini yayo lapho iyincenga ukuba iyibonise umusa, ihluke kanjani endleleni leyo nceku ephatha ngayo inceku ekanye nayo?

  • Yisiphi isifundo okufanele sisifunde emfanekisweni kaJesu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela