Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 61 k. 146-k. 147 isig. 5
  • UJesu Welapha Umfana Onedemoni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Welapha Umfana Onedemoni
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphulukiswa Komfana Onamademoni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukuphulukiswa Komfana Onamademoni
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 61 k. 146-k. 147 isig. 5
Ubaba ucela uJesu ukuba elaphe indodana yakhe enedemoni

ISAHLUKO 61

UJesu Welapha Umfana Onedemoni

MATHEWU 17:14-20 MARKU 9:14-29 LUKA 9:37-43

  • KUDINGEKA UKHOLO OLUQINILE UKUZE KWELASHWE UMFANA ONEDEMONI

Lapho uJesu, uPetru, uJakobe noJohane behla entabeni, bazithela phezu kwesixuku esikhulu. Kukhona okungahambi kahle. Ababhali bangunge abafundi baphikisana nabo. Abantu bayamangala lapho bebona uJesu bese begijima beyomhlangabeza. Uyababuza: “Niphikisana ngani nabo?”—Marku 9:16.

Enye indoda ephuma kulesi sixuku, iguqa phambi kukaJesu bese ithi: “Mfundisi, ngilethe indodana yami kuwe ngoba inomoya oyenza ingakhulumi. Nomaphi lapho umoya uyibamba khona, uyilahla phansi, ikhihlize amagwebu, iququde amazinyo futhi iphelelwe amandla. Ngicele abafundi bakho ukuba bawuxoshe, kodwa bahlulekile.”—Marku 9:17, 18.

Kubonakala sengathi ababhali bagxeka abafundi ngoba behlulekile ukwelapha umfana, mhlawumbe bebenza inhlekisa ngemizamo yabo. Kunokuba uJesu aphendule lo baba okhathazekile, ukhuluma nesixuku athi: “O sizukulwane esingenalukholo nesisontekile, kumelwe ngiqhubeke nginani kuze kube nini? Kumelwe nginibekezelele kuze kube nini?” Nakanjani la mazwi anamandla uwabhekise kubabhali abebekhathaza abafundi bakhe ngesikhathi yena engekho. UJesu uphendukela kulo baba okhathazekile athi kuye: “Yilethe lapha kimi.”—Mathewu 17:17.

Njengoba umfana esondela kuJesu, leli demoni elimphethe limlahla phansi bese limdlikiza kabuhlungu. Umfana ulokhu ephenduphenduka phansi emhlabathini ekhihliza amagwebu. UJesu ubuza uyise: “Sekunesikhathi esingakanani lokhu kwenzeka kuye?” Ubaba womfana uyaphendula: “Kusukela esewumntwana, futhi uvame ukumphonsa emlilweni nasemanzini ukuze umbulale.” Le ndoda iyancenga: “Uma ukwazi ukwenza okuthile, sihawukele usisize.”—Marku 9:21, 22.

Lo baba akasazi ukuthi yini okumelwe ayenze ngoba ngisho nabafundi bakaJesu bahlulekile ukumsiza. UJesu uphendula le ndoda emncengayo ngala mazwi akhuthazayo: “Kungani uthi, ‘Uma ukwazi’? Phela, zonke izinto zingenzeka kumuntu onokholo.” Ngokushesha lo baba uyamemeza: “Nginalo ukholo! Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!”—Marku 9:23, 24.

UJesu welapha umfana onedemoni

UJesu uyasibona isixuku sigijima siza kuye. Njengoba bonke bebhekile, uJesu uyalikhuza idemoni uthi: “Wena moya ongakhulumi noyisithulu, ngiyakuyala, phuma kuye, ungaphinde ungene kuye!” Lapho leli demoni liphuma, libangela ukuba lo mfana amemeze futhi adlikize kaningi. Ngemva kwalokho umfana ulala lapho phansi anganyakazi. Lapho bebona lokho, abantu abaningi bathi: ‘Ufile!’ (Marku 9:25, 26) Kodwa lapho uJesu embamba ngesandla umfana, uyasukuma futhi ‘elapheke kusukela ngalelo hora.’ (Mathewu 17:18) Abantu bayamangala ngalokho okwenziwa uJesu kube kufanele.

Esikhathini esingaphambili, lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, bakwazi ukukhipha amademoni. Ngakho manje, lapho sebebodwa endlini, bayambuza: “Kungani thina singakwazanga ukuwuxosha?” UJesu uyabachazela ukuthi kungenxa yokuntula kwabo ukholo, uthi: “Lolu hlobo lungaphuma ngomthandazo kuphela.” (Marku 9:28, 29) Kwakudingeka ukholo oluqinile nokuthandazela usizo lukaNkulunkulu ukuze kukhishwe leli demoni elinamandla.

UJesu uyaphetha: “Ngiqinisile ngithi kini, uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho eningeke nikwazi ukulwenza.” (Mathewu 17:20) Ukholo lungaba namandla amakhulu ngempela!

Izingqinamba nobunzima obuvimba inqubekela-phambili enkonzweni kaJehova kungase kubonakale kungenakunqobeka noma kungenakusuka njengentaba uqobo lwayo. Noma kunjalo, uma sihlakulela ukholo, singazinqoba lezo zingqinamba nalobo bunzima obunjengentaba.

  • UJesu uzithela phezu kwasiphi isimo lapho ebuya entabeni?

  • Kungani abafundi behluleka ukukhipha idemoni kumfana?

  • Ukholo lwethu lungaba namandla kangakanani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela