Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 48 k. 120-k. 121 isig. 8
  • Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphuma Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukusuka Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izimangaliso ZikaJesu—Yini Ongayifunda Kuzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 48 k. 120-k. 121 isig. 8
Isixuku silandela uJesu lapho esuka emzini kaJayiru

ISAHLUKO 48

Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye

MATHEWU 9:27-34; 13:54-58 MARKU 6:1-6

  • UJESU WELAPHA IZIMPUMPUTHE NOMUNTU OYISIMUNGULU

  • ABANTU BASENAZARETHA ABAKHOLELWA KUYE

UJesu ube nosuku olude. Ngemva kokuhamba ngesikebhe ebuya esifundeni saseDekapholi, welaphe owesifazane obenomopho wavusa nendodakazi kaJayiru. Kodwa usuku alukapheli. Njengoba uJesu esuka emzini kaJayiru ulandelwa amadoda amabili ayizimpumputhe, ayamemeza athi: “Yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide.”—Mathewu 9:27.

Ngokubiza uJesu ngokuthi ‘iNdodana kaDavide,’ la madoda abonisa ukuthi anokholo lokuthi uJesu uyindlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide, ngaleyo ndlela unguMesiya. UJesu ubonakala sengathi uyawaziba, mhlawumbe ufuna ukubona ukuthi azophikelela yini, futhi ayaphikelela. Lapho uJesu engena endlini, la madoda amabili ayamlandela. UJesu uyawabuza: “Ninalo yini ukholo lokuthi ngingakwenza lokhu?” Amphendula ngokuqiniseka: “Yebo, Nkosi.” UJesu ube esethinta amehlo awo, athi: “Makwenzeke kini ngokokholo lwenu.”—Mathewu 9:28, 29.

Ngokushesha amehlo awo ayavuleka! Njengoba eyale abanye ezikhathini ezingaphambili, uJesu uwayala ukuba angabatsheli abanye ngalokho akwenzile. Kodwa egajwe injabulo, kamuva ahamba ekhuluma ngaye yonke indawo.

Njengoba la madoda amabili ehamba, abantu baletha umuntu ongakwazi ukukhuluma ngenxa yokuthi unedemoni. UJesu uyalixosha leli demoni, ngaso leso sikhathi lo muntu uqala ukukhuluma. Izixuku ziyamangala ngalokhu, zithi: “Akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli.” AbaFarisi nabo bakhona. Abanakuziphika lezi zimangaliso, ngakho bayaphinda baqamba amanga ngomthombo wamandla kaJesu: “Uxosha amademoni ngombusi wamademoni.”—Mathewu 9:33, 34.

Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu uphindela emuva edolobheni lakubo eNazaretha manje esehamba nabafundi bakhe. Esikhathini esingangonyaka ngaphambili, wayefundise esinagogeni lapho. Abantu baqale babamba ongezansi ngalokho ayekusho, kodwa kamuva bazicasukela izimfundiso zakhe base bezama ukumbulala. Manje uJesu uyaphinda uzama ukusiza labo ababengomakhelwane bakhe.

NgeSabatha, uya esinagogeni eyofundisa. Abaningi bayakhexa, baze babuze: “Lo muntu ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nale misebenzi yamandla?” Bathi: “Lo akayona yini indodana yombazi? Unina akabizwa yini ngokuthi uMariya, nabafowabo ngokuthi oJakobe noJosefa noSimoni noJuda? Odadewabo, abekho yini bonke kanye nathi? Pho lo muntu uzithathephi zonke lezi zinto?”—Mathewu 13:54-56.

Abantu babheka uJesu njengomuntu nje wakhona endaweni. Bayazibuza bathi, ‘ukhulele phambi kwethu, pho angaba kanjani uMesiya?’ Ngenxa yalokho, naphezu kwabo bonke ubufakazi—kuhlanganise nokuhlakanipha kukaJesu okukhulu nemisebenzi yamandla—abakholwa nguye. Ngenxa yokuthi bamjwayele uJesu, ngisho nezihlobo zakhe ziyakhubeka ngaye, okumenza athi: “Umprofethi uyahlonishwa kodwa hhayi endaweni yakubo nasendlini yakubo.”—Mathewu 13:57.

Ngempela, kuyammangaza uJesu ukuntula kwabo ukholo. Ngakho akenzi zimangaliso lapho “ngaphandle kokubeka izandla abantu abambalwa abagulayo abelaphe.”—Marku 6:5, 6.

  • Ngokubiza uJesu ngokuthi “Ndodana kaDavide,” amadoda ayizimpumputhe abonisa ukuthi yini ayikholelwayo?

  • AbaFarisi baphinde bathi uyini umthombo wamandla ezimangaliso zikaJesu?

  • UJesu wamukelwa kanjani eNazaretha, futhi kungani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela