Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 46 k. 116-k. 117 isig. 9
  • Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wathinta Ingubo Yakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wathinta Ingubo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 46 k. 116-k. 117 isig. 9
Owesifazane uthinta ingubo kaJesu. UJesu uyezwa ukuthi kukhona omthintile

ISAHLUKO 46

Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu

MATHEWU 9:18-22 MARKU 5:21-34 LUKA 8:40-48

  • OWESIFAZANE UYELAPHEKA LAPHO ETHINTA INGUBO KAJESU

Izindaba zokubuya kukaJesu evela eDekapholi ziyasabalala phakathi kwamaJuda ahlala ogwini olusenyakatho-ntshonalanga yoLwandle LwaseGalile. Cishe abaningi bezwile ukuthi njengoba bekunesiphepho uJesu uthulise umoya, wazolisa namanzi. Kanti abanye kungenzeka bayazi ukuthi welaphe amadoda abenamademoni. Ngakho “isixuku esikhulu” sibuthene ngasolwandle, cishe endaweni yaseKapernawume, sizohlangabeza uJesu. (Marku 5:21) Njengoba ehla esikebheni, abantu bamagange futhi balindele lukhulu.

Omunye walabo abalangazelela ukubona uJesu, uJayiru isikhulu esengamele isinagoge cishe leli eliseKapernawume. Uwela ezinyaweni zikaJesu, bese emncenga kaningi, athi: “Indodakazi yami encane igulela ukufa. Ngicela uze uyibeke izandla ukuze ilulame iphile.” (Marku 5:23) UJesu uzosabela kanjani esicelweni sikaJayiru sokuba asize indodakazi yakhe enguzinyobulala, eneminyaka engu-12 nje kuphela neyigugu kakhulu kuye?—Luka 8:42.

Lapho esendleleni eya emzini kaJayiru, uJesu uhlangana nesinye isimo esidabukisayo. Abantu abaningi abahamba noJesu bayachwaza, bamagange ukubona ukuthi sikhona yini esinye isimangaliso azosenza. Nokho, omunye wesifazane esixukwini ukhathazeke ngenkinga enkulu yempilo yakhe.

Sekuphele iminyaka engu-12 lona wesifazane ongumJuda ehlushwa umopho. Usehambe odokotela abaningi efuna usizo, wasebenzisa nayo yonke imali abenayo ethenga imithi abebemthembisa ukuthi izomsiza. Kodwa akasizakalanga. Empeleni, inkinga yakhe ibe yimbi nakakhulu.—Marku 5:26.

Cishe uzovuma ukuthi ukugula kwakhe akugcini nje ngokumenza abe buthaka kodwa futhi kumbangela amahloni, kumehlise nesithunzi. Ngokuvamile, umuntu akakhulumi ngokukhululekile ngenkinga enje. Ngaphezu kwalokho, ngaphansi koMthetho KaMose, ukuya esikhathini kwakwenza owesifazane angcole. Noma ubani omthintayo noma othinta izingubo zakhe ezinegazi kudingeka ageze futhi abe ongcolile kuze kuhlwe.—Levitikusi 15:25-27.

Lo wesifazane ‘uzwe imibiko emayelana noJesu,’ manje uyamfuna. Ngenxa yokungcola kwakhe, uthubeleza phakathi kwesixuku ukuze angazidonseli amehlo abantu, elokhu ezitshela ukuthi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe zangaphandle, ngizokwelapheka.” Lapho ethinta umphetho wengubo kaJesu, ngaso leso sikhathi uyezwa ukuthi umopho wakhe usunqamukile! ‘Usephulukisiwe ekuguleni kwakhe okubi.’—Marku 5:27-29.

UJesu ube esethi: “Ubani ongithintile?” Ucabanga ukuthi lo wesifazane uzizwa kanjani lapho ezwa lawo mazwi? UPetru uyakhononda kuJesu, ngamazwi ahambisana neseluleko, uthi: “Izixuku ziyakucindezela futhi sezithe mbo kuwe.” Kodwa kungani uJesu ebuza ethi, “Ubani ongithintile?” UJesu uyachaza: “Kukhona ongithintile, ngoba ngizwile kuphuma amandla kimi.” (Luka 8:45, 46.) Ngempela, ukwelashwa okusanda kwenzeka kuthathe amandla kuJesu.

Eqaphela ukuthi akakwazanga ukuzifihla, lo wesifazane uguqa phambi kukaJesu esaba futhi eqhaqhazela. Phambi kwabo bonke, ukhuluma iqiniso ngokugula kwakhe nokuthi usanda kwelapheka. Ngomusa uJesu uyamduduza: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, ululame ekuguleni kwakho okubi.”—Marku 5:34.

Ngokusobala, Lowo okhethwe uNkulunkulu ukuba abuse ungumuntu onothando nesihe, ongabakhathaleli nje kuphela abantu kodwa futhi onamandla okubasiza!

  • Kungani abantu behlangene ukuzohlangabeza uJesu lapho efika eKapernawume?

  • Iyiphi inkinga owesifazane othile anayo, futhi kungani efuna usizo lukaJesu?

  • Welapheka kanjani lo wesifazane, futhi uJesu umduduza athini?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela