Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 30 k. 74-k. 75 isig. 9
  • Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uphendula Abamangaleli Bakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Uphendula Abamangaleli Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-43—UJohane
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • UKristu—Lowo Iziprofetho Ezigxile Kuye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 30 k. 74-k. 75 isig. 9
AmaJuda amangalela uJesu ngokwephula umthetho weSabatha

ISAHLUKO 30

Ubuhlobo UJesu Anabo NoYise

JOHANE 5:17-47

  • UNKULUNKULU UNGUYISE KAJESU

  • ISITHEMBISO SOVUKO

Lapho amanye amaJuda emangalela uJesu ngokuthi welaphe umuntu ngeSabatha, uJesu uwaphendula athi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”—Johane 5:17.

Lokho uJesu akwenzayo, akwenqatshelwe emthethweni kaNkulunkulu ophathelene neSabatha. Umsebenzi wakhe wokushumayela nokwelapha ufuze imisebenzi emihle kaNkulunkulu. Ngakho uJesu uyaqhubeka enza okuhle nsuku zonke. Nokho, impendulo ayinika abamangaleli bakhe ibenza bathukuthele nakakhulu, bafune ukumbulala. Kungani besabela ngale ndlela?

Ngaphandle kombono wabo oyiphutha wokuthi uJesu uphula umthetho weSabatha ngokwelapha abantu, enye into ebacasula kakhulu ukuthi uzibiza ngeNdodana kaNkulunkulu. Bakubona kuwukuhlambalaza ukubheka kwakhe uNkulunkulu njengoYise, njengokungathi ukusho kukaJesu ukuthi uJehova unguYise kumenza alingane noNkulunkulu. Nokho, uJesu akesabi futhi uyaqhubeka ebaphendula mayelana nobuhlobo bakhe obukhethekile noNkulunkulu. Uthi, “uBaba uyayithanda iNdodana uyibonisa zonke izinto azenzayo.”—Johane 5:20.

UBaba unguMniki-kuphila, lokhu ukubonisile esikhathini esidlule ngokunika abantu amandla okuvusa abafile. UJesu uyaqhubeka: “Njengoba nje uBaba evusa abafile futhi ebaphilisa, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo efuna ukubaphilisa.” (Johane 5:21) Mahle ngempela lawo mazwi, anikeza ithemba ngekusasa! Ngisho namanje, iNdodana iyabavusa abafile ngomqondo ongokomoya. Ngakho uJesu uthi: “Noma ubani ozwa izwi lami akholwe yiLowo ongithumile, uyothola ukuphila okuphakade, futhi ngeke ahlulelwe kodwa usedlulile ekufeni waya ekuphileni.”—Johane 5:24.

Okwamanje abukho ubufakazi bokuthi ukhona umuntu obefe ngokoqobo uJesu aseke wamvusela ekuphileni, kodwa utshela abamangaleli bakhe ukuthi uvuko olunjalo luzokwenzeka. Uthi, “ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyolizwa izwi layo baphume.”—Johane 5:28, 29.

Nakuba indima kaJesu inkulu ngokungavamile, ukwenza kucace ukuthi ungaphansi kukaNkulunkulu, uthi: “Mina angikwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kimi. . . . angifisi ukwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumile.” (Johane 5:30) Nokho, uJesu uchaza indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu, okuyinto abengakaze ayenze obala kuze kube manje. Kodwa labo abamangalela uJesu babutholile obunye ubufakazi mayelana nalezi zinto ngaphandle kwalobu obunikezwa uJesu. UJesu uyabakhumbuza: “Nithumele abantu kuJohane [uMbhapathizi], futhi uye wafakazela iqiniso.”—Johane 5:33.

Kungenzeka ukuthi abamangaleli bakaJesu bezwa ukuthi eminyakeni engaba mibili ngaphambili, uJohane watshela abaholi benkolo yobuJuda ngaLowo oza emva kwakhe—obizwa ngokuthi ‘umProfethi’ nangokuthi “uKristu.” (Johane 1:20-25) Ekhumbuza abamangaleli bakhe ngomuntu ababemhlonipha kakhulu kodwa manje oseboshiwe, uJohane, uJesu uthi: ‘okwesikhashana nanizimisele ukujabula ekukhanyeni kwakhe.’ (Johane 5:35) Noma kunjalo, uJesu unikeza ubufakazi obukhulu nakakhulu kunobukaJohane uMbhapathizi.

“Le misebenzi engiyenzayo [ehlanganisa ukwelapha asanda kukwenza], iyafakaza ukuthi ngithunywe nguBaba.” Ngaphandle kwalokho, uJesu uyaqhubeka: “UBaba ongithumile naye uye wafakaza ngami.” (Johane 5:36, 37) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wafakaza ngoJesu lapho ebhapathizwa.—Mathewu 3:17.

Ngempela, laba abamangalela uJesu abanazaba zokumenqaba. ImiBhalo abathi bayayihlola iyafakaza ngaye. UJesu uphetha ngokuthi: “Ukube namkholwa uMose beniyongikholwa nami, ngoba yena waloba ngami. Kodwa uma imibhalo yakhe ningayikholwa, niyokukholwa kanjani lokho engikushoyo?”—Johane 5:46, 47.

  • Kungani uJesu engaphuli iSabatha ngokwenza imisebenzi emihle ngalolo suku?

  • UJesu uyichaza kanjani indima yakhe ebalulekile enjongweni kaNkulunkulu?

  • Yibaphi ofakazi abaqinisekisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela