Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 16 k. 42-k. 43 isig. 8
  • UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uhlanza Ithempeli
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Isimangaliso Sesibili EKhana
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 16 k. 42-k. 43 isig. 8
UJesu uxosha abashintshi bemali ethempelini

ISAHLUKO 16

UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso

JOHANE 2:12-22

  • UJESU UHLANZA ITHEMPELI

Ngemva komshado waseKhana uJesu uya eKapernawume. Uhamba nonina nabafowabo, uJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda.

Kodwa kungani uJesu eya eKapernawume? Leli dolobha likhulu kuneNazaretha neKhana futhi lisendaweni efinyeleleka kalula. Kanti futhi iningi lalabo abasanda kuba abafundi bakaJesu lihlala eKapernawume noma eduze kwakhona. Ngakho uJesu angakwazi ukubaqeqeshela endaweni yangakubo.

Phakathi nesikhathi asichitha eKapernawume uJesu wenza nezimangaliso. Ngakho abantu abaningi bakulelo dolobha nasezindaweni eziseduze bayezwa ngezinto azenzayo. Kodwa uJesu nalabo ahamba nabo, okungamadoda angamaJuda azinikele, ngokushesha kufanele baye eJerusalema ukuze babe khona ePhasikeni lika-30 C.E.

Ngesikhathi besethempelini eJerusalema, abafundi bakaJesu babona okuthile ngoJesu okubamangaza futhi kubajabulise kakhulu, okuhlukile kulokho abake bakubona ngaphambili.

UMthetho kaNkulunkulu uthi ama-Israyeli kufanele enze imihlatshelo yezilwane ethempelini, futhi abeze khona badinga ukudla ngesikhathi belapho. Ngakho uMthetho uyabavumela labo abaya eJerusalema besuka ezindaweni ezikude ukuba baphathe imali abazothenga ngayo “izinkomo, izimvu, izimbuzi” nezinye izinto abazidingayo ngesikhathi bekulelo dolobha. (Duteronomi 14:24-26) Ngenxa yalokho, eJerusalema kunabantu abathengisa izilwane noma izinyoni ngaphakathi egcekeni elikhulu lethempeli. Abanye babo baqola abantu ngokubiza amanani amba eqolo.

Ethukuthele, uJesu uchitha izinhlamvu zemali zabashintshi bemali, agumbuqele amatafula abo, bese ebaxosha. UJesu ube esethi: “Susani lezi zinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuhwebelana!”—Johane 2:16.

Lapho abafundi bakaJesu bekubona lokhu bakhumbula isiprofetho esimayelana nendodana kaNkulunkulu esithi: “Uthando lwami ngendlu yakho luyoba njengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi.” Kodwa amaJuda ayambuza: “Yisiphi isibonakaliso ongasibonisa sona njengoba wenza lezi zinto?” UJesu uwaphendula athi: “Dilizani leli thempeli, mina ngizolivusa ngezinsuku ezintathu.”—Johane 2:17-19; iHubo 69:9.

AmaJuda acabanga ukuthi uJesu ukhuluma ngethempeli langempela eliseJerusalema, ngakho ayabuza: “Leli thempeli lakhiwa iminyaka engu-46, wena-ke uzolivusa ngezinsuku ezintathu?” (Johane 2:20) Nokho, lapho uJesu ekhuluma ngethempeli usho umzimba wakhe. Eminyakeni emithathu kamuva lapho evuswa, abafundi bakhe bayawakhumbula la mazwi.

  • Yiziphi izindawo uJesu aya kuzo ngemva komshado waseKhana?

  • Kungani kumthukuthelisa uJesu lokho akubona ethempelini, futhi wenzani?

  • Ukhuluma ngani uJesu lapho ethi “leli thempeli,” futhi uqonde ukuthini?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela