Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 14 k. 38-k. 39 isig. 7
  • UJesu Uqala Ukwenza Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uqala Ukwenza Abafundi
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi BakaJesu Bokuqala
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Abafundi Bokuqala BakaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Abantu Ababa Abafundi BakaJesu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 14 k. 38-k. 39 isig. 7
UJohane uMbhapathizi uveza ukuthi uJesu uyiWundlu LikaNkulunkulu

ISAHLUKO 14

UJesu Uqala Ukwenza Abafundi

JOHANE 1:29-51

  • UJESU UTHOLA ABAFUNDI BAKHE BOKUQALA

Ngemva kwezinsuku ezingu-40 esehlane, uJesu ubuyela kuJohane owayembhapathizile, ngaphambi kokuba aye eGalile. Lapho uJesu eqhamuka, uJohane uyamkhomba bese ethi kulabo abami naye: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe! Lo nguye engasho ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza umuntu ovele ngaphambi kwami, ngoba waba khona kuqala kunami.’” (Johane 1:29, 30) Nakuba uJohane emdadlana kunoJesu, uyazi ukuthi uJesu wayephila ezulwini njengomuntu womoya ngaphambi kokuba yena azalwe.

Emasontweni ambalwa ngaphambili, lapho uJesu eza ezobhapathizwa, uJohane wabonakala engaqiniseki ukuthi uJesu wayezoba uMesiya. UJohane uyavuma, “Ngisho nami bengingamazi, kodwa isizathu sokuba ngize ngibhapathize ngamanzi sasiwukuba abonakaliswe ku-Israyeli.”—Johane 1:31.

UJohane ube esetshela labo abamlalele ukuthi kwenzekeni ngesikhathi ebhapathiza uJesu, uthi: “Ngibone umoya wehla njengejuba uvela ezulwini, wahlala phezu kwakhe. Ngisho nami bengingamazi, kodwa Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize ngamanzi wathi kimi: ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale kuye, lowo nguye obhapathiza ngomoya ongcwele.’ Ngikubonile lokho, futhi ngifakazile ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”—Johane 1:32-34.

UJohane ukanye nabafundi bakhe ababili ngosuku olulandelayo lapho uJesu ephinde eqhamuka. UJohane uthi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu!” (Johane 1:36) Lapho esho lokhu, laba bafundi ababili bakaJohane uMbhapathizi balandela uJesu. Omunye wabo u-Andreya. Cishe lona yilowo owabhala ngalesi senzakalo, naye obizwa ngokuthi uJohane. Kubonakala sengathi lo Johane uhlobene noJesu, ngoba uzalwa nguSalome. Cishe uSalome ungudadewabo kaMariya, futhi umyeni wakhe nguZebedewu.

Lapho uJesu ephenduka ebona u-Andreya noJohane bemlandela, uyababuza: “Nifunani?”

Nabo bayambuza: “Rabi, uhlalaphi?”

UJesu uyabaphendula: “Wozani, nizobona.”—Johane 1:37-39.

UJesu ukhuluma noFiliphu noNathanayeli

Isikhathi sekungaba yihora lesine ntambama, futhi u-Andreya noJohane bahlala noJesu luze luphele lolo suku. U-Andreya ujabule kakhulu kangangokuba lapho ethola umfowabo uSimoni, owaziwa nangokuthi uPetru, uthi kuye: “Simtholile uMesiya.” (Johane 1:41) U-Andreya ube eseyisa uPetru kuJesu. Okwenzeka kamuva kubonisa ukuthi noJohane wahlangana nomfowabo uJakobe wabe esemletha kuJesu; nokho, uJohane uyayishiya le mininingwane lapho ebhala indaba yakhe.

Ngosuku olulandelayo, uJesu uhlangana noFiliphu waseBhetsayida. Leli dolobha liseduze nogu olusenyakatho yoLwandle LwaseGalile futhi yilapho u-Andreya noPetru abavela khona. UJesu umema uFiliphu athi: “Yiba umlandeli wami.”—Johane 1:43.

Kamuva uFiliphu uhlangana noNathanayeli, owaziwa nangokuthi uBartolomewu, athi kuye: “Simtholile lowo uMose kanye nabaProfethi ababhala ngaye eMthethweni: uJesu, indodana kaJosefa, waseNazaretha.” UNathanayeli uyangabaza athi kuFiliphu: “Kukhona yini okuhle okungaphuma eNazaretha?”

UFiliphu uthi, “Woza ubone.” UJesu ubona uNathanayeli eza bese ethi: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.”

UNathanayeli uthi kuye, “Ungazi kanjani?”

UJesu umphendula athi: “Ngikubone ngaphambi kokuba uFiliphu akubize, ngesikhathi uphansi kwesihlahla somkhiwane.”

UNathanayeli uyamangala athi: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi yakwa-Israyeli.”

UJesu ube esethi kuye, “Ukholwa ngoba ngikutshele ukuthi ngikubone ungaphansi kwesihlahla somkhiwane? Uzobona izinto ezinkulu kunalezi.” UJesu ube esebathembisa: “Ngiqinisile impela ngithi kini madoda, nizobona izulu livulekile nezingelosi zikaNkulunkulu zehla zenyuka ziza eNdodaneni yomuntu.”—Johane 1:45-51.

Ngokushesha ngemva kwalokhu, uJesu nabafundi bakhe asanda kubathola, bayasuka eSigodini saseJordani baye eGalile.

  • Obani abafundi bakaJesu bokuqala?

  • UPetru mhlawumbe noJakobe bahlangana kanjani noJesu?

  • Yini esiza uNathanayeli akholwe ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela