Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 6 k. 20-k. 21 isig. 8
  • Umntwana Owayethenjisiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umntwana Owayethenjisiwe
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umntwana Wesithembiso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umntwana Wesithembiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Wafinyelela ‘Iziphetho Enhliziyweni Yakhe’
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 6 k. 20-k. 21 isig. 8
UJosefa, uMariya no-Ana babuka uSimeyoni ophethe usana olunguJesu

ISAHLUKO 6

Umntwana Owayethenjisiwe

LUKA 2:21-39

  • UJESU UYASOKWA BESE KAMUVA EYISWA ETHEMPELINI

Esikhundleni sokubuyela eNazaretha, uJosefa noMariya bayahlala eBhetlehema. Ngokuvumelana noMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli, uJesu uyasokwa lapho esenezinsuku ezingu-8. (Levitikusi 12:2, 3) Ngokwesiko, ingane yomfana iqanjwa igama ngalolo suku. Indodana yabo bayiqamba ngokuthi uJesu, ngokwesiqondiso sengelosi uGabriyeli.

Sekudlule isikhathi esingaphezu kwenyanga, futhi manje uJesu usenezinsuku ezingu-40 ubudala. Bamyisa kuphi manje abazali bakhe? Bamyisa ethempelini eJerusalema, eliqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho behleli khona. UMthetho uthi ngemva kwezinsuku ezingu-40 owesifazane ebelethe indodana, kufanele alethe umnikelo wokuhlanzwa ethempelini.—Levitikusi 12:4-8.

Yilokho uMariya akwenzayo. Uletha umnikelo wezinyoni ezimbili ezincane. Lokhu kusitshela okuthile ngesimo somnotho sikaJosefa noMariya. UMthetho uthi kumelwe kunikelwe ngewundlu leduna nenyoni. Nokho, uma umama engenawo amandla okunikela ngewundlu leduna, wayenganikela ngamahobhe amabili noma ngamajuba amabili. Yilokho uMariya anikela ngakho.

“KUFIKA ISIKHATHI SOKUBA BAHLANZWE”

UJosefa noMariya balethe usana olunguJesu ethempelini, bazokwenza umnikelo wokuhlanza

Lapho abesifazane bakwa-Israyeli bebeletha, babebhekwa njengabangahlanzekile okwesikhathi esithile. Lapho leso sikhathi siphela, kwakwenziwa umnikelo oshiswayo ukuze bahlanzwe. Lokhu kwakuba yisikhumbuzo sokuthi kudluliselwe isono enganeni. UJesu yena wayengcwele futhi engenaso isono. (Luka 1:35) Noma kunjalo, uJosefa noMariya “bamnyusela” ethempelini ukuze “bahlanzwe” njengoba kwakusho uMthetho.—Luka 2:22.

Lapho uJosefa noMariya sebesethempelini, kuza indoda esikhulile kubo. Igama layo uSimeyoni. UNkulunkulu uyambulele ukuthi ngeke ife ingakamboni uKristu noma uMesiya othenjiswe uJehova. Ngalo lolu suku umoya ongcwele uholele uSimeyoni ethempelini, lapho ethola khona uJosefa noMariya kanye nosana lwabo. USimeyoni uthatha ingane ayiphathe.

Njengoba ephethe uJesu, uSimeyoni ubonga uNkulunkulu athi: “Manje, Nkosi EnguMbusi, uyayivumela inceku yakho ukuba ihambe ngokuthula, ngokwesimemezelo sakho, ngoba amehlo ami ayibonile indlela yakho yensindiso oyilungiselele phambi kwabo bonke abantu, ukukhanya kokususa umgubuzelo ezizweni nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.”—Luka 2:29-32.

UJosefa noMariya bayamangala lapho bezwa lokhu. USimeyoni uyababusisa bese etshela uMariya ukuthi indodana yakhe ‘imiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli,’ nokuthi usizi ayobhekana nalo luyoba njengenkemba emdabula ngaphakathi.—Luka 2:34.

Kunomunye futhi umuntu ethempelini namuhla. Ngu-Ana, umprofethikazi oneminyaka engu-84. Empeleni akwenzeki aphuthe ethempelini. Ube eseza kuJosefa noMariya kanye nosana olunguJesu. U-Ana ubonga uNkulunkulu futhi utshela bonke abamlalelayo ngoJesu.

Cabanga nje ukuthi bajabula kanjani oJosefa noMariya ngalezi zinto ezenzeka ethempelini! Ngokungangabazeki, konke lokhu kubenza baqiniseke ngokuthi indodana yabo ingoThenjisiwe kaNkulunkulu.

  • Ngokwesiko, ingane yomfana engumIsrayeli yayethiwa nini igama?

  • Yini okwakumelwe umama ayenze lapho indodana yakhe isinezinsuku ezingu-40 ubudala, futhi okwenziwa uMariya kusitshelani ngesimo sakhe somnotho?

  • Ethempelini, obani abaqaphelayo ukuthi uJesu ungubani futhi bakwenza kanjani lokho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela