Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 4 k. 16-k. 17 isig. 3
  • UMariya​—⁠Ukhulelwe Kodwa Akashadile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMariya​—⁠Ukhulelwe Kodwa Akashadile
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukhulelwe Kodwa Akashadile
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukhulelwe Kodwa Akashadile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • “Bheka! Incekukazi KaJehova!”
    Lingisa Ukholo Lwabo
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 4 k. 16-k. 17 isig. 3
UMariya utshela uJosefa ukuthi ukhulelwe

ISAHLUKO 4

UMariya​—⁠Ukhulelwe Kodwa Akashadile

MATHEWU 1:18-25 LUKA 1:56

  • UJOSEFA UTHOLA UKUTHI UMARIYA UKHULELWE

  • UJOSEFA UTHATHA UMARIYA ABE UMKAKHE

UMariya usenezinyanga ezine ekhulelwe. Uzokhumbula ukuthi izinyanga zakhe zokuqala ekhulelwe uzichithe evakashele isihlobo sakhe u-Elizabethe emagqumeni aseJudiya eningizimu. Kodwa manje uMariya usebuyele ekhaya eNazaretha. Sekuzokwaziwa endaweni ukuthi ukhulelwe. Kumelwe ukuba le ndaba imkhathaza ngempela!

Okwenza le ndaba ibe nzima nakakhulu ukuthi uMariya uthembisene umshado nensizwa yendawo engumbazi okuthiwa uJosefa. Uyazi ukuthi uMthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli uthi owesifazane othembisene umshado nenye indoda kodwa bese elala nenye engaphoqiwe, kufanele ashaywe ngamatshe aze afe. (Duteronomi 22:23, 24) Ngakho, nakuba uMariya engazange aziphathe kabi, kungenzeka uyazibuza ukuthi uzomchazela kanjani uJosefa ngokukhulelwa kwakhe nokuthi kuzokwenzekani.

Sekuphele izinyanga ezintathu uMariya engekho, ngakho singaqiniseka ukuthi uJosefa ulangazelela ukumbona. Lapho bebonana, cishe uMariya uyamtshela ukuthi ukhulelwe, azame ngokusemandleni akhe ukumchazela ukuthi ukhulelwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Nokho, njengoba ungase ucabange, kunzima kakhulu ukuba uJosefa ayiqonde futhi ayikholwe le ndaba.

UJosefa uyazi ukuthi uMariya ungowesifazane oziphethe kahle nokuthi unedumela elihle, futhi umthanda kakhulu. Naphezu kwencazelo kaMariya, uJosefa akaboni ukuthi ubengakhulelwa kanjani ngaphandle kokulala nendoda. UJosefa akafuni ukuba uMariya abulawe noma ahlazeke emphakathini; ngakho unquma ukumdivosa ngasese. Ngalezo zikhathi, abantu abathembisene umshado babebhekwa njengabashadile, ngakho kwakudingeka idivosi ukuze bahlukane.

Ingelosi kaJehova ibonakala kuJosefa ephusheni

Kamuva, lapho uJosefa esacabanga ngale ndaba, uyazumeka. Ingelosi kaJehova ibonakala kuye ephusheni ithi: “Ungesabi ukuthatha uMariya ingoduso yakho umyise ekhaya, ngoba lokhu akukhulelwe kungomoya ongcwele. Uzozala indodana, futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu, ngoba iyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.”—Mathewu 1:20, 21.

Lapho uJosefa ephaphama, cabanga nje ukuthi ujabula kanjani ngokuthi useyayiqonda le ndaba! Ngokushesha uyakwenza lokho ingelosi emtshele kona. Uthatha uMariya aye naye ekhaya. Lesi senzo sibhekwa njengomshado, sibonisa umphakathi ukuthi uMariya usengumkaJosefa. Noma kunjalo, uJosefa akayi ocansini noMariya njengoba esakhulelwe uJesu.

UMariya ugibele imbongolo futhi uJosefa ulayisha imithwalo

Ezinyangeni ezithile kamuva, uJosefa noMariya osezobeletha, kumelwe balungiselele uhambo basuke kubo eNazaretha. Bayaphi esikhathini esibucayi kangaka njengoba uMariya esezobeletha?

  • Lapho uJosefa ezwa ukuthi uMariya ukhulelwe, yini okungenzeka ifika engqondweni yakhe futhi kungani?

  • UJosefa wayengamdivosa kanjani uMariya njengoba babengakashadi?

  • Yisiphi isenzo esenziwa uJosefa esibonisa umphakathi ukuthi yena noMariya sebeshadile?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela