Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 2 k. 12-k. 13 isig. 10
  • UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UGabriyeli Uvakashela UMariya
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ingelosi Ihambela UMariya
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 2 k. 12-k. 13 isig. 10
UMariya ugibele imbongolo; u-⁠Elizabethe uzwa ingane esiswini sakhe igxuma ngenjabulo lapho kungena uMariya; uMariya usiza u-⁠Elizabethe ngemisebenzi yasendlini

ISAHLUKO 2

UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe

LUKA 1:34-56

  • UMARIYA UVAKASHELA ISIHLOBO SAKHE U-ELIZABETHE

Ngemva kokuba ingelosi uGabriyeli itshele intombi enguMariya ukuthi izozala indodana ezobizwa ngokuthi uJesu futhi ezobusa njengeNkosi kuze kube phakade, uMariya uyabuza: “Kuzokwenzeka kanjani lokhu njengoba ngingenamyeni?”—Luka 1:34.

UGabriyeli uyaphendula: “Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho, amandla oPhezukonke azokwehlela kuwe. Ngenxa yalokho, lowo ozelwe kuyothiwa ungcwele, uyobizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu.”—Luka 1:35.

Mhlawumbe ukuze asize uMariya amukele lo myalezo, uGabriyeli uyanezela: “U-Elizabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana, ekugugeni kwakhe, lena inyanga yakhe yesithupha, yena lo okuthiwa uyinyumba; ngoba akunasimemezelo esingeke sifezeke kuNkulunkulu.”—Luka 1:36, 37.

Impendulo kaMariya ibonisa ukuthi uyakwamukela lokho uGabriyeli akushoyo. Uthi: “Bheka! Incekukazi kaJehova! Kwangathi kungenzeka kimi ngokuvumelana nesimemezelo sakho.”—Luka 1:38.

Ngemva kokuhamba kukaGabriyeli, uMariya ulungiselela ukuyovakashela u-Elizabethe ohlala nomyeni wakhe uZakariya emagqumeni aseJudiya eduze naseJerusalema. Lolu hambo lungathatha izinsuku ezintathu noma ezine ukusuka kubo kaMariya eNazaretha.

UMariya ugcina efikile emzini kaZakariya. Njengoba engena, ubingelela isihlobo sakhe u-Elizabethe. Lapho ezwa uMariya, u-Elizabethe ugcwala umoya ongcwele athi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, ubusisiwe umntwana oyomzala! Kwenzeka kanjani ukuba leli lungelo libe ngelami, ukuba unina weNkosi yami eze kimi? Ngoba, bheka! Lapho nje ngikuzwa ubingelela, usana olusesibelethweni sami luvele lwagxuma ngenxa yenjabulo.”—Luka 1:42-44.

Impendulo kaMariya ibonisa ukwazisa okukhulu: “Umphefumulo wami uyamdumisa uJehova, umoya wami awukwazi ukungachichimi injabulo ngoNkulunkulu uMsindisi wami, ngoba ubheke ukuba phansi kwencekukazi yakhe. Bheka! Kusukela manje zonke izizukulwane zizothi ngiyajabula, ngoba Lowo onamandla ungenzele izenzo ezinkulu.” Kuyaphawuleka ukuthi nakuba uMariya eboniswe umusa ongaka, uyisa lonke udumo kuNkulunkulu. Uthi: “Lingcwele igama lakhe, esizukulwaneni ngesizukulwane isihe sakhe siphezu kwalabo abamesabayo.”—Luka 1:46-50.

UMariya uqhubeka adumise uNkulunkulu ngala mazwi aphefumulelwe ayisiprofetho: “Wenze izenzo zamandla ngengalo yakhe; ubahlakazile labo ababonisa ukuthi bayaqhosha ezinhliziyweni zabo. Wehlise amadoda anamandla ezihlalweni zobukhosi waphakamisa abaphansi; abalambile ubasuthise ngezinto ezinhle, abanengcebo wabahambisa belambatha. Umsizile u-Israyeli inceku yakhe, ekhumbula isihe sakhe, njengoba nje asho kokhokho bethu, ku-Abrahama nasenzalweni yakhe, kuze kube phakade.”—Luka 1:51-55.

UMariya usiza u-⁠Elizabethe ngemisebenzi yasendlini

UMariya uhlala no-Elizabethe izinyanga ezingaba ntathu, mhlawumbe ukuze amsize kula masonto okugcina ngaphambi kokuba u-Elizabethe abelethe. Ave kukuhle ukuba laba besifazane ababili abathembekile futhi abakhulelwe ngosizo lukaNkulunkulu bachithe lesi sikhathi ndawonye!

Phawula nodumo olwanikezwa uJesu, ngisho nangaphambi kokuba azalwe. U-Elizabethe wambiza ngokuthi ‘Nkosi yami,’ nosana olwalusesibelethweni sakhe ‘lwavele lwagxuma ngenxa yenjabulo’ lapho kufika uMariya. Lokhu kuhluke kakhulu endleleni uMariya nosana lwakhe olwalungakazalwa abaphathwa ngayo kamuva, njengoba sizobona.

  • Yini uGabriyeli ayishoyo esiza uMariya aqonde ukuthi uzokhulelwa kanjani?

  • UJesu udunyiswa kanjani ngaphambi kokuba azalwe?

  • UMariya uhlala isikhathi eside kangakanani no-Elizabethe, futhi kungani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela