Ingabe uyakulangazelela ukubona izithembiso zoMbuso zifezeka?
INGXENYE 7
Izithembiso ZoMbuso—Ukwenza Zonke Izinto Zibe Zintsha
UKHA i-apula elivuthwe kahle esihlahleni. Uhogela iphunga lalo elimnandi, ube usulifaka kubhasikidi ogcwele amanye ama-apula. Sekuphele isikhathi eside usebenza, kodwa awukakhathali futhi usafuna ukusebesenza. Umama wakho usesihlahleni esiseduze, usebenza ngokujabula futhi uzikhulumela namalungu eminye imindeni nabangane nabo abavunayo. Ubukeka emncane—ukhumbula ukuthi wayemncane kanjalo ngesikhathi useyingane eminyakeni edlule. Akukholeki ukuthi wambona eguga ezweni eseladlula kudala. Wambona ephela edliwa ukugula, umbambe ngesandla lapho enqotshwa ukufa futhi wakhala ezimathonsi emngcwabeni wakhe. Kodwa nangu manje lapha enenqwaba yabanye abantu, uphila saka futhi ungumqemane!
Izinsuku ezinjalo ziyeza; siyakwazi lokho. Siyakwazi ngoba izithembiso zikaNkulunkulu azishayi eceleni. Kule ngxenye sizoxoxa ngendlela ezinye zezithembiso zoMbuso ezizogcwaliseka ngayo esikhathini esizayo esiseduze, okuyoholela empini ye-Armagedoni. Sizobuye sibukeze nezinye zezithembiso zoMbuso ezivusa amadlingozi eziyogcwaliseka ngemva kwalokho. Yeka indlela esiyokwethaba ngayo lapho sibona uMbuso kaNkulunkulu ubusa umhlaba wonke, wenza zonke izinto zibe zintsha!