Kwesobunxele: Udade oyi-colporteur ushumayela eKorea ngo-1931; Kwesokudla: Bashumayela ngolimi lwezandla eKorea namuhla
INGXENYE 2
Ukushumayela NgoMbuso—Ukusakaza Izindaba Ezinhle Emhlabeni Wonke
AWUSEBENZI namhlanje. Uvuka ekuseni ulungiselele ukuya ensimini. Umathintanyawo kancane ngoba uzizwa ukhathele. Ungathanda ukuphumula. Ube usuthandaza, bese unquma ukuthi uzoya ensimini. Wabiwa nodade osekhulile othembekile futhi ukukhuthazela nomusa wakhe kukuthinta inhliziyo. Njengoba nixoxa nabantu ngeqiniso endlini ngendlu, uyakhumbula ukuthi abafowenu nodadewenu emhlabeni wonke baxoxa ngesigijimi esifanayo, basebenzisa izincwadi ezifanayo, bonke baqeqeshwa ngendlela efanayo. Lapho ufika ekhaya, kuphelile ukukhathala. Uyajabula ngokuthi awuhlalanga ekhaya!
Njengamanje inkonzo yobuKristu iwumsebenzi oyinhloko woMbuso kaNkulunkulu. UJesu wabikezela ukuthi umsebenzi wokushumayela uyokwenziwa ezindaweni eziningi kakhulu kulezi zinsuku zokugcina. (Math. 24:14) Sigcwaliseke kanjani lesi siprofetho? Kule ngxenye, sizofunda ngabantu, izindlela namathuluzi konke obekulokhu kubalulekile enkonzweni yobuKristu esiza izigidi emhlabeni zibone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo.