Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • kr kk. 2-3
  • INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
kr kk. 2-3
Ngu-October 2, 1914, uCharles Taze Russell umemezela ukuphela kweZikhathi ZabeZizwe

Incwadi Evela Endikimbeni Ebusayo

Mmemezeli WoMbuso Othandekayo Esikanye Naye:

ZIBONE ngeso lengqondo uyilungu lomkhaya waseBethel YaseBrooklyn ngoLwesihlanu ekuseni, ngo-October 2, 1914. Uhleli endaweni ojwayele ukuhlala kuyo etafuleni ekuseni, ulindele ukufika kukaMfoweth’ uC. T. Russell. Khona manjalo umnyango wegumbi lokudlela uyavuleka, angene. Athi ukuma kancane njengomkhuba wakhe, abese ebingelela umkhaya waseBethel ngenjabulo athi “Sanibona nonke.” Kodwa ngemva kwalokho, esikhundleni sokuba ayohlala endaweni yakhe etafuleni, ushaya izandla abese enza lesi saziso esikwenza ube nohlevane: “IZikhathi ZabeZizwe ziphelile; amakhosi azo abusile!” Awukwazi ukuzibamba yinjabulo​—sekuyisikhathi eside ubheke phambili kulo mzuzu! Kanye nomkhaya waseBethel, wenanela lezi zindaba ezimnandi ngehlombe elingapheli.

Sekuphele amashumi amaningi eminyaka uMfoweth’ uRussell asho lawo mazwi akwenza ube nohlevane. Ufezeni lo Mbuso kusukela ngaleso sikhathi? Okukhulu! Ngalo Mbuso, uJehova ubelokhu ecwengisisa futhi eqeqesha abantu bakhe​—kusukela beyizinkulungwane ezimbalwa ngo-1914 kuze kube manje sebengaphezu kwezigidi eziyisikhombisa nesigamu. Wena uzuze kaningi kangakanani kulokhu kuqeqeshwa?

Namuhla sivame ukuzwa abafowethu bethi: “Inqola kaJehova iya phambili!” futhi kuyiqiniso lokho. Nokho, empeleni kusukela ngo-1914 inqola yasezulwini, efanekisela ingxenye engabonakali yenhlangano kaJehova, ibihamba ngesikhulu isivinini, njengoba nizobona kule ncwadi lapho niyifundisisa. Ngenjongo yokuba izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni kabanzi, abamemezeli boMbuso basungule izindlela eziningi, ezinjengokusebenzisa amaphephandaba, amamashi, imibukiso yezithombe, amakhadi anikeza ubufakazi, amagilamafomu, umsakazo ngisho ne-Internet.

Ngenxa yokubusisa kukaJehova lo msebenzi, manje sesinyathelisa izincwadi zethu ezinhle zeBhayibheli ngezilimi ezevile ku-670, sizihambisele noma ubani ngesihle. Izisebenzi zokuzithandela ezizidelayo zilekelela ekwakheni amaHholo OMbuso, oMhlangano namagatsha, kokubili emazweni anothile nakwantulayo. Futhi lapho kugadla izinhlekelele, abafowethu nodade abanothando basukumela phezulu bayosiza ezindaweni ezithintekile, bafakazele ukuthi ngempela ‘bazalelwe isikhathi sosizi.’​—IzAga 17:17.

Ngezinye izikhathi abefundisi nabanye abaphikisi ‘babiyela inkathazo ngesinqumo somthetho,’ kodwa kuqinisa ukholo ukubona indlela njalo nje imizamo yabo ebhedayo eye yasiza ngayo ‘ekuqhubekiseleni phambili izindaba ezinhle.’​—IHu. 94:20; Fil. 1:12.

Kuyilungelo kithi ukuhlanganyela nani, nina ‘eningabendlu’ kanye nathi. Sicela nazi ukuthi siyanithanda kakhulu nonke. Sikhulekela ukuba okukule ncwadi kunisize nilazise ngendlela eningakaze nilazise ngayo ifa lenu elingokomoya.​—Math. 24:45.

Sinifisela izilokotho ezinhle,

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela