Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 1 kk. 4-5
  • Imfihlo Esijabulayo Ukuyazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imfihlo Esijabulayo Ukuyazi
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfihlo Ongayitshela Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Imfihlo AmaKristu Angenakulokotha Ayigcine!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Imfihlakalo Engcwele Iyembuleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 1 kk. 4-5
Izingelosi zilalele njengoba uJesu exoxa nabantu ngoMbuso kaNkulunkulu

ISIFUNDO 1

Imfihlo Esijabulayo Ukuyazi

Uyazi ukuthi yini imfihlo?—a Imfihlo yinto eyaziwa uwena wedwa, abangayazi abanye abantu. Ukhona umuntu owake wakutshela imfihlo?— IBhayibheli likhuluma ngemfihlo ekhethekile ebizwa ngokuthi “imfihlo engcwele.” Ingcwele ngoba ivela kuNkulunkulu. Ngisho nezingelosi zazifuna ukwazi okuningi ngale mfihlo. Ungathanda ukuyazi leyo mfihlo?—

Ucabanga ukuthi yini le izingelosi ezazifuna ukuyazi?

Esikhathini eside kakhulu esidlule, uNkulunkulu wadala ubaba wokuqala nomama wokuqala. Igama likababa wokuqala kwakungu-Adamu, elikamama wokuqala kungu-Eva. UNkulunkulu wabanikeza ikhaya elihle elibizwa ngokuthi insimu yase-Edene. Ukube u-Adamu no-Eva balalela uNkulunkulu, bona nezingane zabo ngabe benza wonke umhlaba waba ipharadesi njengaleya nsimu yase-Edene. Futhi ngabe bahlala ePharadesi isikhathi eside esingapheli, noma phakade. Kodwa uyakhumbula ukuthi u-Adamu no-Eva benzani?—

U-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu. Yingakho singahlali epharadesi namhlanje. Kodwa uNkulunkulu wathi uzokwenza wonke umhlaba ube muhle. Futhi bonke abantu bayophila phakade, bajabule. Uzokwenza kanjani lokhu? Kwaphela isikhathi eside abantu bengazi. Kwakuyimfihlo.

Lapho uJesu efika emhlabeni, wafundisa abantu izinto eziningi ngale mfihlo. Wathi imayelana noMbuso kaNkulunkulu. UJesu watshela abantu ukuba bathandazele ukuba lo Mbuso ufike. Lo Mbuso uyokwenza umhlaba ube ipharadesi elihle.

Uyajabula yini njengoba usuyazi le mfihlo?— Khumbula ukuthi abantu abalalela uNkulunkulu kuphela abayophila ePharadesi. IBhayibheli lisixoxela izindaba eziningi zobaba nomama abalalela uJehova. Ungathanda ukufunda ngabo?— Ake sizwe ukuthi babengobani abanye babo nokuthi thina singafana kanjani nabo.

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • Marku 4:11

  • 1 Petru 1:12

  • Genesise 1:26-28; 2:8, 9; 3:6, 23

  • Mathewu 6:9, 10

  • IHubo 37:11, 29

a Kulezi zindaba, uzobona uphawu olunje (—) ngemva kwemibuzo ethile. Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuba uhlabe ikhefu bese udedela ingane yakho iphendule.

IMIBUZO:

  • Kungani umhlaba ungelona ipharadesi manje?

  • Ibizwa ngokuthini imfihlo ekhethekile iBhayibheli elikhuluma ngayo?

  • UJesu wathi le mfihlo imayelana nani?

  • Abantu abanjani abayophila ePharadesi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela