Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 1 imibuzo 1-3
  • Zithini Izindaba Ezinhle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zithini Izindaba Ezinhle?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Ufundiswe UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 1 imibuzo 1-3

ISIFUNDO 1

Zithini Izindaba Ezinhle?

1. Zithini izindaba ezivela kuNkulunkulu?

Abantu bajabulela ukuphila emhlabeni

UNkulunkulu ufuna ukuba abantu baphile kamnandi emhlabeni. Wadala umhlaba nakho konke okukuwo ngoba ethanda abantu. Maduzane, uzothatha isinyathelo sokunikeza abantu ikusasa elihle emhlabeni wonke. Uzoqeda izimbangela zokuhlupheka kwabantu.—Funda uJeremiya 29:11.

Awukho uhulumeni oke wakwazi ukuqeda ubudlova, izifo noma ukufa. Kodwa kukhona izindaba ezinhle. Maduzane, uNkulunkulu uzoqeda bonke ohulumeni babantu, amise uhulumeni wakhe esikhundleni sabo. Abantu ababuswa yilo hulumeni bayoba nokuthula nempilo enhle.—Funda u-Isaya 25:8; 33:24; Daniyeli 2:44.

2. Kungani kuphuthuma ukushumayela izindaba ezinhle?

Ukuhlupheka kuyophela lapho uNkulunkulu esusa ababi emhlabeni. (Zefaniya 2:3) Kuyokwenzeka nini lokho? IZwi likaNkulunkulu labikezela izimo ezisongela isintu namuhla. Izenzakalo ezenzeka manje zibonisa ukuthi sesiseduze isikhathi sokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.

3. Yini okufanele siyenze?

Kufanele sifunde ngoNkulunkulu eZwini lakhe, iBhayibheli. Linjengencwadi evela kubaba onothando. Lisitshela indlela esingaphila ngayo kangcono manje neyokuthola ukuphila okuphakade esikhathini esizayo. Yiqiniso, abanye bangase bangajabuli lapho bekubona ufundelwa iBhayibheli. Kodwa asifuni ukuvumela abantu basenze silahlekelwe yithuba lokuthola ikusasa elingcono.—Funda izAga 29:25; IsAmbulo 14:6, 7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela