Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 20 k. 23
  • INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Ohola Abantu BakaNkulunkulu Namuhla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ukubambisana NeNdikimba Ebusayo Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ingubani “Inceku Ethembekile Neqondayo” Futhi Yenzani?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 20 k. 23

Isifundo 20

INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?

Ngekhulu lokuqala, iqembu elincane, ‘abaphostoli namadoda amadala eJerusalema,’ lalikhonza njengendikimba ebusayo eyenza izinqumo ezibalulekile limelela lonke ibandla lamaKristu agcotshiwe. (IzEnzo 15:2) Lapho lenza isinqumo ngokuvumelana, kwakusuke kuwumphumela wokuxoxa ngalokho imiBhalo ekushoyo nokulandela isiqondiso somoya kaNkulunkulu. (IzEnzo 15:25) Kusalandelwa indlela efanayo nanamuhla.

Isetshenziswa uNkulunkulu ukuba yenze intando yakhe. Abazalwane abagcotshiwe abangamalungu eNdikimba Ebusayo banesithakazelo esikhulu eZwini likaNkulunkulu futhi banokuhlangenwe nakho okuningi ekusingatheni izindaba eziphathelene nomsebenzi wethu nezinto ezingokomoya. Bahlangana njalo ngesonto ukuze baxoxe ngezidingo zabazalwane kuwo wonke umhlaba. Njengasekhulwini lokuqala, bakhipha iziqondiso ezisekelwe eBhayibhelini ngezincwadi noma ngababonisi abajikelezayo nabanye. Lokhu kwenza abantu bakaNkulunkulu bacabange futhi benze ngendlela enobunye. (IzEnzo 16:4, 5) INdikimba Ebusayo yengamela ukulungiselelwa kokudla okungokomoya, ikhuthaze umsebenzi wokushumayela ngoMbuso futhi yengamele ukumiswa kwabazalwane abazophathiswa imithwalo yemfanelo ebandleni.

Ilandela isiqondiso somoya kaNkulunkulu. INdikimba Ebusayo ibheka kuMbusi Wendawo Yonke, uJehova, nakuJesu iNhloko yebandla, ukuze ithole isiqondiso. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:23) Amalungu ayo awazibheki njengabaholi babantu bakaNkulunkulu. Wona, kanye nawo wonke amaKristu agcotshiwe, “baqhubeka belandela iWundlu [uJesu] kungakhathaliseki ukuthi liyaphi.” (IsAmbulo 14:4) INdikimba Ebusayo ijabula kakhulu lapho siyithandazela.

  • Obani ababengamalungu endikimba ebusayo ngekhulu lokuqala?

  • INdikimba Ebusayo isifuna kanjani isiqondiso sikaNkulunkulu namuhla?

THOLA OKWENGEZIWE

Funda izEnzo 15:1-35, ubone ukuthi indikimba ebusayo yangekhulu lokuqala yaxoxa futhi yayixazulula kanjani impikiswano ethile ngosizo lwemiBhalo nomoya ongcwele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela