Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 5 k. 8
  • Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Indlela Yokuthola Injabulo Eyengeziwe Emihlanganweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 5 k. 8

Isifundo 5

Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?

Abantu abaningi bayekile ukuya emasontweni ngoba abazitholi izimpendulo zemibuzo abazibuza yona noma abayitholi induduzo. Pho, kungani kumelwe uye emihlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova? Yini ozoyithola kuyo?

Uzothola injabulo yokuba phakathi kwabantu abanothando nozwela. Ngekhulu lokuqala, amaKristu ayehlelwe aba amabandla futhi eba nemihlangano ukuze akhulekele uNkulunkulu, afunde imiBhalo futhi akhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Ebuthene nabantu abanothando, ayezizwa ephakathi kwabangane beqiniso​​—abafowabo abangamaKristu. (2 Thesalonika 1:3; 3 Johane 14) Nathi silandela indlela efanayo futhi sithola injabulo efanayo.

Uzothola inzuzo yokufunda indlela yokusebenzisa imithetho yeBhayibheli. Njengoba kwakunjalo ngezikhathi zeBhayibheli, amadoda, abesifazane nezingane babuthana ndawonye. Amadoda afanelekayo asebenzisa iBhayibheli ukuze asisize sibone indlela esingasebenzisa ngayo imithetho yalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke. (Duteronomi 31:12; Nehemiya 8:8) Bonke abakhona bangaphendula lapho kunengxoxo nezilaleli futhi bacule, okusinika ithuba lokuveza ithemba esinalo njengamaKristu.—Hebheru 10:23.

Uzothola isibusiso sokuqiniswa kokholo lwakho kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu washo la mazwi kwelinye ibandla langosuku lwakhe: “Ngilangazelela ukunibona, . . . ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) Emihlanganweni, ukuhlangana njalo nesikhonza nabo kuqinisa ukholo lwethu nokuzimisela ukuphila ngemithetho yeBhayibheli.

Siyakumema ukuba uze emihlanganweni elandelayo yebandla lethu ukuze uzitholele lezi zinzuzo. Siyokwamukela ngemfudumalo. Yonke imihlangano imahhala—akuthathwa nkongozelo.

  • Imihlangano yethu yebandla ilandela yiphi indlela?

  • Singazuza kanjani ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu?

THOLA OKWENGEZIWE

Uma ungathanda ukubona ukuthi iHholo LoMbuso langakini linjani ngaphambi kokuba uye emihlanganweni, cela omunye woFakazi BakaJehova ukuba akuyise kulo futhi akubonise lona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela