Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 38 kk. 273-281
  • Ngingakwenza Kanjani Ukukhulekela UNkulunkulu Kujabulise?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakwenza Kanjani Ukukhulekela UNkulunkulu Kujabulise?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingakwenza Kanjani Ukukhulekela UNkulunkulu Kujabulise?
    I-Phaphama!—2008
  • Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Kungani Sihlale Siphikisana?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngizokwenzani Ngokuphila Kwami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 38 kk. 273-281

ISAHLUKO 38

Ngingakwenza Kanjani Ukukhulekela UNkulunkulu Kujabulise?

UJosh oneminyaka engu-16 ucambalele embhedeni. Unina umi emnyango. Uyathetha: “Joshua, vuka! Angithi uyazi ukuthi siya esifundweni namuhla!” UJosh ukhuliswe njengomunye woFakazi BakaJehova futhi ukuya ezifundweni kuyisimiso sakulo mkhaya. Kodwa muva nje akasathandisisi ukuya ezifundweni.

Uyakhononda: “Mama, kufanele ngempela ngiye?”

“Yeka ukhononda ugqoke. Angifuni ukufika imihlangano isiqalile futhi!” kuphendula unina bese efulathela ahambe.

UJosh aphahluke kanti unina uyezwa: “Mama, lalela. Yinkolo yakho lena, akuyona eyami.” Uyazi ukuthi unina umzwile ngoba uzwe umsindo wezigi zakhe unqamuka. Unina uyaqhubeka ahambe angaphenduli.

UJosh ulahlwa unembeza. Akaqondile ngempela ukuzwisa unina ubuhlungu. Kodwa futhi akafuni nokuxolisa. Okuwukuphela kwento angayenza . . .

UJosh udonsa umoya aqale ukugqoka, bese ekhuluma yedwa: “Maduzane nje kuzodingeka ngizenzele esami isinqumo. Angifani nabanye eHholo LoMbuso. Mina angidalelwanga ukuba umKristu!”

WAKE wazizwa ngendlela uJosh azizwa ngayo kule ndaba? Ingabe ngezinye izikhathi kuye kube sengathi nakuba abanye beyijabulela imisebenzi yobuKristu, wena umane uyenza nje sakugcina icala? Ngokwesibonelo:

● Ingabe ukutadisha iBhayibheli kufana nje neminye imisebenzi yasekhaya kuwe?

● Ingabe awukuthandi ukuya enkonzweni yendlu ngendlu?

● Ingabe uvame ukuzithola unesithukuthezi esifundweni?

Uma impendulo inguyebo, ungapheli amandla. Ungafunda ukujabulela ukukhonza uNkulunkulu. Asibone ukuthi ungenza kanjani.

INSELELE YOKUQALA 1 Ukutadisha IBhayibheli

Okwenza kungabi lula. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi awulona “uhlobo oluthanda ukutadisha.” Uyehluleka ukugxilisa ingqondo isikhathi eside—kunzima ukuhlala ugxile kokufundayo! Ngaphandle kwalokho, unomsebenzi wesikole omningi okufuneka uwutadishe.

Isizathu sokuba ukwenze. IBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu futhi “liwusizo ekufundiseni nasekusizeni abantu nasekubalungiseni nasekubaboniseni indlela yokuphila.” (2 Thimothewu 3:16, Contemporary English Version) Ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngezinto ozifundayo kungakwembulela izinto ezintsha. Asivume, yonke into ewusizo isetshenzelwa kanzima. Uma ufuna ukuba umpetha emdlalweni othile, kumelwe ufunde imithetho yawo futhi uwuprakthize. Uma ufuna ukuba nempilo enhle, kudingeka uvivinye umzimba. Ngokufanayo, uma ufuna ukufunda ngoMdali wakho, kudingeka utadishe iZwi lakhe.

Okushiwo ontanga yakho. “Ngadideka lapho sengisesikoleni esiphakeme. Izingane zazenza zonke izinhlobo zezinto ezingalungile, futhi kwadingeka ngenze izinqumo ezithile: ‘Ingabe yilokhu nami engifuna ukukwenza? Ingabe abazali bami bangifundise iqiniso ngempela?’ Kwadingeka ngizitholele.”—UTshedza.

“Ngangikholelwa ukuthi engangikufundile kwakuyiqiniso, kodwa kwadingeka ngizitholele mina ngokwami. Kwadingeka ngiyenze ibe inkolo yami—kungabi inkolo yasekhaya.”—UNelisa.

Ongakwenza. Zenzele isimiso sesifundo somuntu siqu esivumelana nezinto ozithandayo nezidingo zakho. Uwena ozokhetha ukuthi uzocwaninga ngani. Ungaqalaphi? Kunganjani uhlole iBhayibheli futhi ucubungule izinkolelo zakho, mhlawumbe usebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a

Qala! Faka u-✔ ezihlokweni zeBhayibheli ezimbili noma ezintathu ezingezansi ongathanda ukufunda okwengeziwe ngazo—noma uma uthanda, zibhalele ezakho.

□ Ingabe ukhona uNkulunkulu?

□ Ngingaqiniseka kanjani ukuthi abalobi beBhayibheli baphefumulelwa uNkulunkulu?

□ Kungani kufanele ngikholelwe endalweni kunasekuziphendukeleni kwemvelo?

□ Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi ngingakufakazela kanjani ukuthi ukhona?

□ Ngingayichaza kanjani inkolelo yami ngokuthi kwenzekani lapho sifa?

□ Kungani kufanele ngigculiseke ukuthi luyoba khona uvuko?

□ Ngingaqiniseka kanjani ukuthi iyiphi inkolo yeqiniso?

․․․․․

INSELELE YESIBILI 2 Ukuhlanganyela Ensimini

Okwenza kungabi lula. Kuyethusa kakhulu ukuxoxa nabanye ngeBhayibheli—noma ukuhlangana nengane ofunda nayo ngaleso sikhathi.

Isizathu sokuba ukwenze. UJesu wayala abalandeli bakhe: “Hambani niyokwenza abafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Kodwa kunezinye izizathu zokuya ensimini. Ucwaningo lubonisa ukuthi kwezinye izindawo intsha eningi iyakholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Kodwa yona leyo ntsha ayinalo ithemba langempela ngekusasa. Ngenxa yokufunda iBhayibheli, wena unalo lolu lwazi olufunwa noludingwa ontanga yakho abaningi! Ngokuxoxela abanye izinkolelo zakho, uyozizwa wanelisekile, futhi okubaluleke kakhulu, uyojabulisa inhliziyo kaJehova.—IzAga 27:11.

Okushiwo ontanga yakho. “Mina nomngane wami sasilungiselela izingeniso ezinhle, futhi safunda ukunqoba izimpikiswano nokwenza izimpindelo. Lapho sengizimisela ngokwengeziwe ngenkonzo, ngayijabulela ngokwengeziwe.”—UNelisa.

“Omunye udade ungisize kakhulu! Ungishiya ngeminyaka eyisithupha ubudala futhi uhamba nami ensimini, ngezinye izikhathi siye kodla ukudla kwasekuseni. Wangibonisa imiBhalo ekhuthazayo eyangisiza ngalungisa ukucabanga kwami. Sengixoxa nabantu abaningi kunasekuqaleni ngenxa yesibonelo sakhe esihle. Angazi ukuthi ngiyombonga ngani!”—UShontay.

Ongakwenza. Thola imvume kubazali bakho bese ubheka umuntu omdala kunawe ebandleni ongasebenza naye ensimini. (IzEnzo 16:1-3) IBhayibheli lithi: “Insimbi ilolwa ngensimbi. Ngakho umuntu ulola ubuso bomunye.” (IzAga 27:17) Ziningi izinzuzo zokuzihlanganisa nabantu abadala abanokuhlangenwe nakho okuningi. “Empeleni ukuba phakathi kwabantu abadala kwenza izinto zibe lula,” kusho u-Alexis oneminyaka engu-19.

Qala! Ngezansi bhala igama lomuntu wasebandleni ongakusiza ensimini, ngaphandle kwabazali bakho.

․․․․․

INSELELE YESITHATHU 3 Ukuba Semihlanganweni YobuKristu

Okwenza kungabi lula. Ngemva kosuku lonke uhlezi ekilasini, izinkulumo zeBhayibheli ezithatha ihora noma ngaphezudlwana kungaba sengathi zithatha unyaka nohhafu.

Isizathu sokuba ukwenze. IBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Hebheru 10:24, 25.

Okushiwo ontanga yakho. “Ukulungiselela imihlangano yobuKristu kuyinto okumelwe nakanjani uyenze. Ngezinye izikhathi kudingeka uziphoqe. Uma ulungiselele, uyayijabulela imihlangano ngoba uyakwazi okuxoxwa ngakho, futhi ungaze uphendule nokuphendula.”—U-Elda.

“Ngaqala ukuqaphela ukuthi lapho ngiphendula emihlanganweni, leyo mihlangano ngiyijabulela kakhulu.”—UJessica.

Ongakwenza. Zinike isikhathi sokulungiselela kusengaphambili futhi uma kungenzeka, uphendule. Kuyokusiza uzizwe uhilelekile kokwenziwayo.

Ngokwesibonelo: Yikuphi okumnandi kakhulu—ukubukela umdlalo kuthelevishini noma ukuwudlala? Ukudlala kuzuzisa kakhulu kunokubukela. Kunganjani uyibheke kanjalo nemihlangano yobuKristu?

Qala! Esikhaleni esingezansi, bhala isikhathi ongase ukwazi ngaso ukuchitha imizuzu engu-30 ulungiselela umhlangano webandla isonto ngalinye.

․․․․․

Intsha eningi ibona ukuba yiqiniso kweHubo 34:8, elithi: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle.” Kuyanelisa yini ukuzwa uxoxelwa nje ngokudla okuconsisa amathe? Akungcono yini ukuzinambithela wena lokho kudla? Kunjalo nangokukhulekela uNkulunkulu. Nambitha futhi uzibonele ukuthi kuzuzisa kangakanani ukwenza imisebenzi engokomoya. IBhayibheli lithi umuntu ongagcini nje ngokuzwa kodwa obuye awenze umsebenzi “uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:25.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Funda ukuthi ungazibekela kanjani imigomo—futhi uyifinyelele.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

UMBHALO OYINHLOKO

“Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:2.

ICEBISO

Thola incwajana yamaphuzu futhi uqale ukubhala amaphuzu esifundweni. Uyobona isikhathi sigijima futhi ukufunda kuyoba lula!

UBUWAZI . . . ?

Akukubi ukuhlola izinkolelo zakho. Eqinisweni, ukubuza imibuzo bese uyacwaninga kuyindlela enhle yokuthola ukuthi izinto ozikholelwayo ngoNkulunkulu ziyiqi- niso ngempela yini.—IzEnzo 17:11.

ENGIZOKWENZA!

Ngizohlela ukuba ngifunde iBhayibheli imizuzu engu- ․․․․․ ngosuku futhi ngichithe engu- ․․․․․ ngilungiselela imihlangano yobuKristu isonto ngalinye.

Ukuze ngilalele kahle emihlanganweni yobuKristu ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani umuntu osemusha engabona sengathi izinto ezingokomoya zimbangela isithukuthezi?

● Yisiphi isici esisodwa kwezintathu zokukhulekela okuxoxwe ngazo kulesi sahluko ongathanda ukusebenzela kuso?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 278]

“Inkolo engikuyo akuseyona nje inkolo yabazali bami bodwa kodwa eyami nami. UJehova unguNkulunkulu wami futhi angifuni kwenza lutho oluzolimaza ubuhlobo bami naye.”—USamantha

[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 280, 281]

Babeka Imigomo

IBhayibheli lithi: ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’ (Jakobe 4:14) Ngezinye izikhathi ukufa kuyazuma futhi umuntu afe esemncane. Njengoba uzofunda indaba kaCatrina noKyle, phawula indlela abazenzela ngayo igama elihle noJehova uNkulunkulu phakathi nesikhathi esifushane abasiphila ngokuzibekela imigomo engokomoya futhi bayifinyelele.—UmShumayeli 7:1.

UCatrina washona eneminyaka engu-18, kodwa ngesikhathi enengu-13 wayesekubhalile ayehlela ukukwenza ekuphileni—uhlu lwemigomo ayefuna ukuyifinyelela. Yayihlanganisa ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, ukukhonza ezweni elidinga abafundisi beBhayibheli nokusebenza noyise ekwakheni amaHholo OMbuso. Wabhala: “Sengikunikezele ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu!” UCatrina wayefuna “ukuphila ngezindinganiso zikaJehova nangendlela emthokozisayo.” Emngcwabeni wakhe, wachazwa ngokuthi “uyintokazi enhle eyayihlele ukuba ukuphila kwayo konke kugxile kuJehova.”

UKyle wafundiswa esemncane ukuba abe nemigomo. Ngemva kokushona engozini yemoto eneminyaka engu-20, izihlobo zakhe zathola incwadi yakhe yemigomo unina ayemsize ukuba ayenze lapho eneminyaka emine nje kuphela ubudala. Le migomo yayihlanganisa ukubhapathizwa, ukunikeza izinkulumo eHholo LoMbuso nokukhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova, lapho ayezosiza khona ekunyatheliseni izincwadi ezazizosiza abantu bafunde ngoNkulunkulu. Ngemva kokufunda le ncwadi yemigomo uKyle ayeyenze esemncane, unina wathi: “Wayifinyelela yonke leyo migomo.”

Imiphi imigomo ozibekele yona wena? Awazi ukuthi ukuphila kukuphatheleni kusasa. Ngakho makube nezinto ezinenjongo ozenzayo usuku nosuku. NjengoCatrina noKyle, sebenzisa isikhathi sakho ngendlela ezuzisa kakhulu. Lingisa umphostoli uPawulu, okwathi esezokufa wathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thimothewu 4:7) Isahluko esilandelayo sizokusiza wenze lokho kanye!

[Isithombe emakhasini 274, 275]

Uma ufuna ukuphila kahle emzimbeni, kudingeka uvivinye umzimba. Uma ufuna ukuphila kahle ngokomoya, kudingeka utadishe iZwi likaNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela