ISANDULELA
Izimpendulo Ezisebenzayo!
‘Ngingakhulumisana kanjani nabazali bami?’ ‘Ngingabenza kanjani abangane?’ ‘Yini engalungile ngokulala nomuntu engingathandani naye?’ ‘Kungani ngiba lusizi kangaka?’
Uma uke wazibuza le mibuzo, awuwedwa. Kungenzeka wathola izimpendulo eziphikisanayo, kuye ngokuthi ubuze bani. Ukuze kusizwe intsha ithole isiqondiso esifanele engathembela kuso, umagazini i-Phaphama! waqala ukukhipha izihloko eziwuchungechunge ezisekelwe eBhayibhelini ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” ngo-January 1982. Ngemva kweminyaka eminingi, abantu basakujabulela ukufunda lezi zihloko. Kucwaningwa kanzulu ukuze kubhalwe isihloko ngasinye. Empeleni, ukuze kutholwe ukuthi intsha icabangani futhi izizwa kanjani, abalobi be-Phaphama! baye baxoxa nentsha eningi emhlabeni! Okubaluleke nakakhulu, iseluleko esitholakala kulezi zihloko ezithi “Intsha Iyabuza” sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
Incwadi oyiphethe njengamanje yanyatheliswa okokuqala ngo-1989. Nokho, izahluko zayo zishintshwe ngokuphelele zagxila ezinkingeni zanamuhla. Izahluko ezingaphezu kuka-30 zithathelwe ezihlokweni ezithi “Intsha Iyabuza” eziye zanyatheliswa phakathi kuka-2004 no-2011.
Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, izokunikeza amathuluzi owadingayo ukuze ube umuntu omdala othenjwayo. Sethemba ukuthi njengoba usebenzisa iseluleko sayo, uzoba phakathi kwabaningi, abasha nabadala, okuthe “ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—Hebheru 5:14.
Abanyathelisi