Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 k. 287
  • Isibonelo Esihle—UThimothewu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UThimothewu
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UThimothewu—“Umntwana Woqobo Okholweni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • “Mntanami Othandekayo Nothembekile ENkosini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UPawulu NoThimothewu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UThimothewu—Wayekulungele Futhi Ezimisele Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 k. 287

Isibonelo Esihle—UThimothewu

UThimothewu usezolishiya ikhaya—hhayi ngoba ebalekela umkhaya wakubo kodwa ukuze ahambe nomphostoli uPawulu emsebenzini wezithunywa zevangeli! Cishe njengoba esecela emashumini amabili eminyaka, uThimothewu useyinsizwa enemithwalo yemfanelo, ‘ekhulunyelwa kahle abazalwane eListra nase-Ikoniyu.’ (IzEnzo 16:2) UPawulu uyaqiniseka ngokuthi uThimothewu angafeza izinto ezinkulu enkonzweni kaNkulunkulu. Futhi uyazifeza! Eminyakeni elandelayo, uThimothewu uhamba amabanga amade, akhe amabandla futhi aqinise abazalwane. Izimfanelo zakhe ezinhle zimenza athandeke kuPawulu, otshela abaseFilipi ngemva kweminyaka engu-11: “Anginaye omunye onesimo esinjengesakhe oyozinakekela ngobuqotho izinto eziphathelene nani.”—Filipi 2:20.

Ingabe uyazenza utholakale ukuze usetshenziswe enkonzweni kaNkulunkulu? Uma kunjalo, yeka izibusiso eziningi ezikulindele! UJehova ubazisa ngempela abantu abasha ‘abazinikela ngokuzithandela.’ (IHubo 110:3) Ngaphezu kwalokho, ungaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu ‘akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wakho.’—Hebheru 6:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela