Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 k. 215
  • Isibonelo Esihle—URuthe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—URuthe
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaRuthe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Owesifazane Ovelele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 k. 215

Isibonelo Esihle—URuthe

Umfelokazi onguRuthe ungowesifazane oqotho. Ukhethe ukuhlala eseduze nomamezala wakhe osekhulile, uNawomi, kunokuba aphindele emzini wakubo aphile ngokunethezeka. Nakuba lesi sinqumo simnciphisela amathuba okuthola umuntu azoshada naye, uRuthe akazicabangeli yena kuphela. Uthando analo ngoNawomi nesifiso sokuba nabantu bakaJehova kusho okukhulu kuye kunokumane nje anelise isifiso sakhe sokushada.—Ruthe 1:8-17.

Ingabe ucabangela ukushada? Lingisa uRuthe. Bheka ngalé kwemizwa yakho, uzibuze ukuthi iziphi izimfanelo ezinhle oyozibonisa kumuntu ozoshada naye. Ngokwesibonelo, ingabe uqotho futhi uyazidela? Ingabe uyazivumelanisa nezimiso zikaNkulunkulu, ngisho nalapho ukungapheleli kukwenza ufune ukuzephula? URuthe akazange ashe amashushu efunana nomuntu ozomshada. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi wathola indoda evuthiwe eyayinezimfanelo ezinjengezakhe—ngaphezu kwakho konke, eyayithanda uNkulunkulu. Kungenzeka okufanayo nakuwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela