Isibonelo Esihle—UMose
UMose uvulekelwe amathuba amaningi ekuphileni. Wakhulela ebukhosini emzini kaFaro futhi wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe. (IzEnzo 7:22) Uzokwenzani ngalokhu kuqeqeshwa? Angazitholela udumo, ingcebo namandla. Nokho, akaphanjukiswa yithonya lontanga noma ahehwe yisifiso sobugovu. Kunalokho, ukhetha umsebenzi ngokungangabazeki omangaza abaningi. Ukhetha “ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu.” (Hebheru 11:25) Ingabe kukhona okumlahlekelayo? Cha. Ngenxa yokuthi ukhetha ukukhonza uNkulunkulu nokusiza abantu, uphila ukuphila okujabulisayo nokuzuzisayo.
Uma usenhlanhleni yokuthola imfundo enhle eyisisekelo, uzokwenzani ngayo? Ungagijimisa imali noma ukuvelela. Noma, njengoMose, ungenza into ebaluleke ngempela ngokuphila kwakho. Ungasebenzisa amandla akho angokwengqondo nawomzimba ukuze ukhonze uNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:35-40) Ayikho enye indlela ezuzisa njengale ekuphileni!