Isikhathi Sezenzakalo
“Ekuqaleni . . . ”
4026 B.C.E. Ukudalwa kuka-Adamu
3096 B.C.E. Ukufa kuka-Adamu
2370 B.C.E. UZamcolo
2018 B.C.E. Ukuzalwa kuka-Abrahama
1943 B.C.E. Isivumelwano sika-Abrahama
1750 B.C.E. UJosefa uthengiswa njengesigqila
ngaphambi kuka-1613 B.C.E. Uvivinyo lukaJobe
1513 B.C.E. UFuduko lwaseGibhithe
1473 B.C.E. U-Israyeli ungena eKhanani eholwa uJoshuwa
1467 B.C.E. Ukunqotshwa okukhulu kweKhanani kuyaphela
1117 B.C.E. USawule ugcotshwa njengenkosi
1070 B.C.E. UNkulunkulu wenza isithembiso soMbuso kuDavide
1037 B.C.E. USolomoni uba inkosi
1027 B.C.E. Ithempeli eJerusalema liyaphothulwa
cishe ngo-1020 B.C.E. IsiHlabelelo seziHlabelelo siyaqedwa
997 B.C.E. U-Israyeli uyahlukaniswa abe imibuso emibili
cishe ngo-717 B.C.E. Ukuhlanganiswa kwezAga kuyaphela
607 B.C.E. IJerusalema liyabhujiswa; kuqala inkathi yokuthunjwa eBhabhiloni
539 B.C.E. IBhabhiloni linqotshwa uKoresi
537 B.C.E. AmaJuda athunjiwe abuyela eJerusalema
455 B.C.E. Izindonga zaseJerusalema zakhiwa kabusha; amasonto eminyaka angu-69 ayaqala
Ngemva kuka-443 B.C.E. UMalaki uqeda incwadi yakhe eyisiprofetho
ngo-2 B.C.E. Ukuzalwa kukaJesu cishe
29 C.E. UJesu uyabhapathizwa futhi uqala ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu
31 C.E. UJesu ukhetha abaphostoli abangu-12; unikeza iNtshumayelo yaseNtabeni
32 C.E. UJesu uvusa uLazaru
Nisani 14, 33 C.E. UJesu uyabethelwa (UNisani uhambisana nengxenye ka-March neka-April)
Nisan 16, 33 C.E. UJesu uyavuswa
Sivani 6, 33 C.E. IPhentekoste; kuthululwa umoya ongcwele (USivani uhambisana nengxenye ka-May neka-June)
36 C.E. UKorneliyu uba umKristu
cishe ngo-47-48 C.E. Uhambo lokuqala lukaPawulu lokushumayela
cishe ngo-49-52 C.E. Uhambo lwesibili lukaPawulu lokushumayela
cishe ngo-52-56 C.E. Uhambo lwesithathu lukaPawulu lokushumayela
cishe ngo-60-61 C.E. UPawulu ubhala izincwadi lapho eboshwe eRoma
ngaphambi kuka-62 C.E. Umfowabo kaJesu ngamzali munye, uJakobe, ubhala incwadi yakhe
66 C.E. AmaJuda avukela iRoma
70 C.E. IJerusalema nethempeli lalo libhujiswa amaRoma
cishe ngo-96 UJohane ubhala isAmbulo
cishe ngo-100 C.E. Ukufa kukaJohane, umphostoli wokugcina