Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 18 k. 21
  • UJesu Wenza Izimangaliso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Wenza Izimangaliso
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimangaliso ZikaJesu—Yini Ongayifunda Kuzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izimangaliso Nezithunzi—Isizathu Sokuba Zingadingeki
    I-Phaphama!—1989
  • UKristu Ungamandla KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Wayebathanda Abantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 18 k. 21
UJesu uphulukisa impumputhe ngokuyithinta emehlweni

INGXENYE 18

UJesu Wenza Izimangaliso

Ngezimangaliso zakhe, uJesu ubonisa indlela azosebenzisa ngayo amandla akhe njengeNkosi

UNKULUNKULU wanika uJesu amandla okwenza izinto abanye abantu ababengakwazi ukuzenza. UJesu wenza izimangaliso eziningi kakhulu​—ngokuvamile ezenza phambi kwezixuku. Lezo zimangaliso zabonisa ukuthi uJesu unamandla ngaphezu kwezitha nezithiyo abantu abangaphelele abangakaze bakwazi ukuzinqoba ngokuphelele. Cabangela ezinye izibonelo.

Indlala. Isimangaliso sikaJesu sokuqala kwaba ukushintsha amanzi aba yiwayini elimnandi. Kwezinye izikhathi ezimbili wasuthisa izinkulungwane zezixuku ezazilambile ngezinkwa nezinhlanzi ezimbalwa. Kuzo zombili lezo zenzakalo, kwaba nokudla okungaphezu kokwanele.

Ukugula. UJesu welapha abantu ababenayo “yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.” (Mathewu 4:23) Welapha izimpumputhe, izithulu, abanochoko nabanesithuthwane. Welapha nezinyonga, abakhubazekile nabagogekile. Alukho uhlobo lwesifo ayengakwazi ukulwelapha.

Isimo sezulu esiyingozi. Lapho uJesu nabafundi bakhe behamba oLwandle LwaseGalile, kwasuka isiphepho esinamandla. Abafundi besaba kakhulu. UJesu wavele wasibuka isiphepho wayesethi: “Shh! Thula!” Kwaba nokuzola okukhulu. (Marku 4:37-39) Kwesinye isenzakalo, wahamba phezu kwamanzi kube kunesiphepho esesabisayo.​—Mathewu 14:24-33.

Imimoya emibi. Imimoya emibi inamandla kakhulu kunabantu. Abantu abaningi behlulekile ukugqashula kulezi zitha zikaNkulunkulu ezinesihluku. Noma kunjalo, lapho uJesu eyitshela ngokuphindaphindiwe leyo mimoya ukuba iphume kubantu yayiyeka ukubahlupha. Wayengayesabi. Kunalokho, le mimoya yayilazi igunya ayenalo futhi yayimesaba.

Ukufa. Ukufa, okubizwa kufanele ngokuthi ‘isitha sokugcina,’ kuyisitha okungekho muntu ongakwazi ukusinqoba. (1 Korinte 15:26) Noma kunjalo, uJesu wavusa abafileyo, wabuyisela insizwa kunina owayengumfelokazi, nentombazanyana ethile wayibuyisela kubazali bayo ababedabukile. Esenzakalweni esiphawuleka ngokukhethekile, uJesu wavusa umngane wakhe ayemthanda uLazaru phambi kwesixuku sababelila, yize ayesenezinsuku ezicishe zibe zine efile! Ngisho nezitha zikaJesu ezazifuna ukumbulala zavuma ukuthi wayesenzile lesi simangaliso.​—Johane 11:38-48; 12:9-11.

Wayezenzelani uJesu zonke lezo zimangaliso? Ingani bonke labo bantu ayebasizile baphinde bafa? Yebo bafa, kodwa izimangaliso azenza zafeza okuhle. Zafakazela ukuthi zonke iziprofetho ezijabulisayo eziphathelene nokubusa kweNkosi enguMesiya zazinesisekelo. Asikho isidingo sokungabaza ukuthi iNkosi ebekwe uNkulunkulu ingaqeda indlala, ukugula, isimo sezulu esiyingozi, imimoya emibi nokufa uqobo. Isibonisile kakade ukuthi uNkulunkulu uyinikezile amandla okukwenza lokho.

​—Isekelwe encwadini kaMathewu, uMarku, uLuka nekaJohane.

  • UJesu wabonisa kanjani ukuthi unamandla phezu kwendlala? ukugula? isimo sezulu esiyingozi? imimoya emibi? nokufa?

  • Izimangaliso zikaJesu zibonisani ngokubusa kwakhe kwesikhathi esizayo emhlabeni?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela