Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 16 k. 19
  • UMesiya Uyafika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMesiya Uyafika
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Balinda Ukufika KukaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ungubani uJesu Kristu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 16 k. 19
UJohane ubhapathiza uJesu

INGXENYE 16

UMesiya Uyafika

UJehova ubonisa ukuthi uJesu waseNazaretha nguye uMesiya owayekade athenjiswa

INGABE uJehova wayeyobasiza abantu ukuba babone uMesiya owayethenjisiwe? Yebo. Cabanga ngalokho uNkulunkulu akwenza. Kwase kuphele iminyaka engaba ngu-400 imiBhalo YesiHebheru ilotshiwe. Emzini obizwa ngokuthi iNazaretha, esifundeni esisenyakatho yeGalile, intombi egama layo linguMariya yavakashelwa umuntu eyayingamlindele neze. Ingelosi ebizwa ngokuthi uGabriyeli yeza kuye yamtshela ukuthi uNkulunkulu wayezosebenzisa amandla akhe, umoya wakhe ongcwele, amenze ukuba azale indodana, nakuba ayengakaze alale nomuntu wesilisa. Le ndodana yayiyoba iNkosi okwakukade yathenjiswa, eyayiyobusa kuze kube phakade! Le ngane yayiyoba iNdodana kaNkulunkulu uqobo, leyo uNkulunkulu ayezodlulisela ukuphila kwayo esibelethweni sikaMariya kuvela ezulwini.

UMariya wasamukela ngokuthobeka lesi sabelo esikhethekile. Insizwa eyayimthembise umshado, umbazi ogama lakhe nguJosefa, yamshada ngemva kokuba uNkulunkulu ethumele ingelosi ukuba imtshele ukuthi kungani uMariya ayekhulelwe. Kodwa kuthiwani ngesiprofetho esasithi uMesiya wayeyozalelwa eBhetlehema? (Mika 5:2) Lowo muzi wawuqhele ngamakhilomitha angaba ngu-140!

Umbusi waseRoma wakhipha umyalo wokuba kubalwe abantu. Abantu kwakudingeka babhalise emizini abazalelwa kuyo. Kubonakala sengathi bobabili uJosefa noMariya babevela eBhetlehema, ngakho uJosefa wathatha umkakhe owayekhulelwe waya khona. (Luka 2:3) UMariya wabelethela esitebeleni, wabeka umntwana emkhombeni. UNkulunkulu wathumela izingelosi eziningi ukuba zitshele abelusi ababesezinkalweni ukuthi lo mntwana owayesanda kuzalwa kwakunguyena Mesiya othenjisiwe, noma uKristu.

Kamuva, nabanye babezokufakazela ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe. Umprofethi u-Isaya wayebikezele ukuthi kwakuyoba khona owayeyolungiselela uMesiya indlela yokwenza umsebenzi obalulekile. (Isaya 40:3) Lowo manduleli kwakunguJohane uMbhapathizi. Lapho ebona indoda enguJesu, wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” Abanye babafundi bakaJohane bamlandela ngokushesha uJesu. Omunye wabo wathi: “Simtholile uMesiya.”​—Johane 1:29, 36, 41.

Kwaba khona obunye ubufakazi. Ngesikhathi uJohane ebhapathiza uJesu, uJehova ngokwakhe wakhuluma esezulwini. Ngomoya ongcwele wagcoba uJesu waba uMesiya, wayesethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:16, 17) Wayesefikile uMesiya okwakukade athenjiswa!

Kwenzeka nini lokhu? Ngonyaka ka-29 C.E., khona kanye ngemva kweminyaka engu-483 eyayibikezelwe uDaniyeli. Yebo, lokhu kuyingxenye yobufakazi obumangalisayo bokuthi uJesu unguMesiya noma uKristu. Nokho, yimuphi umyalezo ayezowumemezela ngesikhathi esemhlabeni?

​—Isekelwe kuMathewu izahluko 1 kuya ku-3; uMarku isahluko 1; uLuka isahluko 2; uJohane isahluko 1.

  • UJehova wazisebenzisa kanjani izingelosi ukuze abonise ukuthi uJesu unguMesiya?

  • UNkulunkulu wamsebenzisa kanjani uJohane uMbhapathizi ukuze abonise ukuthi uJesu unguMesiya?

  • UJehova ngokwakhe wabonisa kanjani ukuthi iNdodana yakhe inguMesiya?

UYINDODANA KANKULUNKULU NGAYIPHI INDLELA?

UJehova unguYise kaJesu​—kodwa hhayi ngendlela amadoda aba obaba ngayo. UJesu akabanga khona ngenxa yokuhlangana ngokobulili kowesilisa nowesifazane​—wadalwa uNkulunkulu. Empeleni, wayeyingelosi yokuqala uJehova ayidala. (Kolose 1:15-17) Njengoba kunguJehova owanika uJesu ukuphila ngokumdala, angabizwa ngokuthi unguYise kaJesu. Ngemva kokudala le Ndodana engumoya, uJehova wayisebenzisa ‘njengengcweti’ ekudaleni zonke ezinye izinto, kuhlanganise nendawo yonke.​—IzAga 8:30.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela