Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 10 k. 13
  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ithempeli LikaJehova
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • INkosi USolomoni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ukwazisa UJesu​—UDavide Omkhulu NoSolomoni Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 10 k. 13
Indlovukazi yaseSheba isondela esihlalweni sobukhosi seNkosi uSolomoni

INGXENYE 10

USolomoni Ubusa Ngokuhlakanipha

UJehova unika iNkosi uSolomoni inhliziyo ehlakaniphile; lapho kubusa uSolomoni, ama-Israyeli aba nokuthula nokuchuma okukhulu

BEKUNGABA njani ukuphila ukube sonke isizwe nombusi waso bebeholwa uJehova njengoMbusi futhi belalela imiyalo yakhe? Impendulo yanikezwa phakathi nokubusa kweNkosi uSolomoni kweminyaka engu-40.

Ngaphambi kokuba uDavide afe, wabeka indodana yakhe uSolomoni ukuba ibe inkosi ngemva kwakhe. Ephusheni, uNkulunkulu wathi kuSolomoni makacele noma yini. USolomoni wacela ukuhlakanipha nolwazi ukuze ahlulele abantu ngokulunga nangokuhlakanipha. UJehova wajabula futhi wanikeza uSolomoni inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda. Wamthembisa nengcebo, udumo nokuphila isikhathi eside uma ayeyohlala emlalela.

USolomoni waduma ngenxa yezahlulelo zakhe ezihlakaniphile. Kwesinye isenzakalo, abesifazane ababili babebanga umntwana womfana, ngamunye ethi ungunina. USolomoni wathi umntwana makasikwe phakathi ukuze bahlukaniselane ngaye. Omunye wavuma, kodwa ngokushesha umama okunguyenayena wancenga ukuba umntwana anikezwe lona omunye wesifazane. Kwamcacela uSolomoni ukuthi lona wesifazane onozwela nguye umama, wayesemnikeza umntwana. Wonke u-Israyeli washeshe wezwa ngalesi sinqumo futhi abantu baqaphela ukuthi uSolomoni wayenokuhlakanipha kukaNkulunkulu.

Enye yezinto ezinkulu uSolomoni azenza kwakuwukwakhela uJehova ithempeli​—isakhiwo esihle kakhulu eJerusalema esasizoba ikomkhulu lokukhulekela kwa-Israyeli. Lapho ithempeli linikezelwa, uSolomoni wathandaza: “Bheka! Amazulu, yebo, izulu lamazulu, ngokwawo awakwazi ukukuthwala; kangakanani-ke le ndlu engiyakhile!”​—1 AmaKhosi 8:27.

Idumela likaSolomoni lasakazekela nakwamanye amazwe akude njengaseSheba, e-Arabhiya. Indlovukazi yaseSheba yathatha uhambo lokuyobona inkazimulo nengcebo kaSolomoni nokuthola ukuthi uhlakaniphe kangakanani. Imangazwe ukuhlakanipha kukaSolomoni nokuchuma kuka-Israyeli, le ndlovukazi yadumisa uJehova ngokubeka inkosi ehlakaniphe kangaka esihlalweni. Ngempela, ngenxa yesibusiso sikaJehova, umbuso kaSolomoni wachuma futhi waba nokuthula kunayo yonke imibuso emlandweni ka-Israyeli wasendulo.

Ngokudabukisayo, uSolomoni wehluleka ukuqhubeka enza ngokuvumelana nokuhlakanipha kukaJehova. Wawushaya indiva umthetho kaNkulunkulu, washada nabesifazane abangamakhulu amaningi, kuhlanganise nabaningi ababekhulekela abanye onkulunkulu. Kancane kancane abafazi bakhe bachezukisa inhliziyo yakhe kuJehova, wakhulekela izithombe. UJehova watshela uSolomoni ukuthi wayezomphuca ingxenye yombuso. Wathi kuye, yena nenzalo yakhe babezosala nengxenye encane ngenxa kaDavide uyise. Naphezu kokuhlubuka kukaSolomoni, uJehova wathembeka esivumelwaneni soMbuso ayesenze noDavide.

​—Isekelwe kweyoku-1 AmaKhosi izahluko 1 kuya ku-11; 2 IziKronike izahluko 1 kuya ku-9; Duteronomi 17:17.

  • UNkulunkulu wasabela kanjani esicelweni sikaSolomoni?

  • USolomoni wakubonisa kanjani ukuhlakanipha kwakhe?

  • USolomoni wachezuka kanjani ezindleleni zikaJehova, futhi kwaba namuphi umphumela?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela