Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 2 k. 5
  • IPharadesi Liyalahleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IPharadesi Liyalahleka
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • Abanye Bakhulu Kunathi
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Singafunda Embhangqwaneni Wokuqala Ongabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 2 k. 5
U-Eva ubambe isithelo esenqatshelwe

INGXENYE 2

IPharadesi Liyalahleka

Ingelosi eyisihlubuki yenza indoda nowesifazane wokuqala, u-Adamu no-Eva, ukuba benqabe ukubusa kukaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, isono nokufa kungena ezweni

ESIKHATHINI eside ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale abantu, wadala izidalwa eziningi ezingumoya—izingelosi. E-Edene, ingelosi eyisihlubuki, eyabe seyaziwa ngokuthi uSathane uDeveli, yazama ngobuqili ukulinga u-Eva ukuba adle isithelo esasisemthini uNkulunkulu ayewenqabele.

Ekhulumisa inyoka, uSathane wasikisela ukuthi uNkulunkulu wayegodlela le ndoda nowesifazane okuthile okufiselekayo. Le ngelosi yatshela u-Eva ukuthi yena nomyeni wakhe babengeke bafe uma bedla leso sithelo esasenqatshelwe. Ngokusho kanjalo, uSathane wayesola uNkulunkulu ngokuqamba amanga ezinganeni zaKhe ezingabantu. Lo Mkhohlisi waveza ukungamlaleli uNkulunkulu njengokuyinkambo enhle eyayizobenza bahlakaniphe futhi bakhululeke. Kodwa lokhu kwakungamanga aluhlaza cwe—empeleni kwakungamanga okuqala ngqá ake akhulunywa emhlabeni. Iphuzu eliyinhloko kule ndaba lalihilela ubukhosi bukaNkulunkulu noma ukubusa okuphakeme—ukuthi uNkulunkulu unalo yini igunya lokubusa nokuthi ulisebenzisa kahle yini ngendlela eyozuzisa izikhonzi zakhe.

U-Eva wawakholwa la manga kaSathane. Waqala ukusinxanela lesi sithelo, wayesesidla. Kamuva wanika nomyeni wakhe, naye wasidla. Base beba yizoni. Leso senzo esasibonakala sisincane empeleni sasiwukuvukela. Ngokukhetha ukungawulaleli ngamabomu umyalo kaNkulunkulu, u-Adamu no-Eva bakwenqaba ukubusa koMdali, owayebanike konke, kuhlanganise nokuphila okuphelele.

Inzalo “iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.”​—Genesise 3:15

UNkulunkulu wazahlulela lezi zihlubuki ngenxa yezenzo zazo. Wabikezela ukuza kweMbewu ethenjisiwe, noma uMkhululi, eyayiyobhubhisa uSathane, njengoba emelelwa yinyoka. UNkulunkulu akababulalanga ngaso leso sikhathi o-Adamu no-Eva, ebonisa umusa ezinganeni zabo ezazingakazalwa. Lezo zingane zaziyoba nesisekelo sethemba ngoba Lowo uNkulunkulu ayezomthuma wayezoqeda imiphumela edabukisayo yalokho kuhlubuka kwase-Edene. Ukuthi injongo kaNkulunkulu ngalo Msindisi ozayo yayiyogcwaliseka kanjani—nokuthi wayeyoba ubani Lowo othunyiwe—kwavela kancane kancane njengoba ukulotshwa kweBhayibheli kwakuqhubeka.

UNkulunkulu wabaxosha o-Adamu no-Eva ePharadesi. Kwase kuzodingeka bafukuze futhi bakhandleke ukuze balime inhlabathi engaphandle kwe-Edene. U-Eva wakhulelwa wazala uKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva. Baba namanye amadodana namadodakazi, kuhlanganise u-Abela noSeti, ukhokho kaNowa.

​—Isekelwe kuGenesise izahluko 3 kuya ku-5; IsAmbulo 12:9.

  • Yimaphi amanga okuqala, futhi ubani owawakhuluma?

  • Labalahlekela kanjani iPharadesi o-Adamu no-Eva?

  • Lapho ahlulela izihlubuki ngenxa yezenzo zazo, yisiphi isisekelo sethemba uNkulunkulu asinikeza?

UKUNGAPHELELI NOKUFA

UNkulunkulu wadala u-Adamu no-Eva bephelele, ehlose ukuba bahlale phakade ePharadesi. Yilapho lapho bahlubuka khona uNkulunkulu, bona. Ngaleyo ndlela balahlekelwa ukuphelela kanye nobuhlobo babo noMniki-kuphila, uJehova. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, bona kanye nayo yonke inzalo yabo engaphelele babengeke besakwazi ukugwema isono nokufa.​—Roma 5:12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela