Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 k. 287
  • Iisibonelo Esihle—U-Asafa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iisibonelo Esihle—U-Asafa
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indlela Yokubhekana Nemizwa Edikibalisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UJehova Uyisabelo Sami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • MaKristu—Ziqhenyeni Ngalokho Eniyikho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 k. 287

Iisibonelo Esihle​—U-Asafa

U-Asafa ubhekene nesikhathi esinzima ekuphileni kwakhe. Ubona abantu abamzungezile bephula imithetho kaNkulunkulu kodwa bengajeziswa! Ngenxa yalokho, uyazibuza ukuthi kuyasiza yini ukwenza umzamo wokujabulisa uNkulunkulu. Uthi: “Impela inhliziyo yami ngiyihlanzé ngeze nezandla zami ngizigezelé ize ngobumsulwa.” Kepha ngemva kokucabanga nzulu ngale ndaba, uyawushintsha umqondo. Uyabona ukuthi noma iyiphi intokozo etholwa ababi ingeyesikhashana nje kuphela. Uphetha ngaliphi u-Asafa? Uhlabelelela uJehova: “Ngaphandle kwakho anginakho okunye ukujabula emhlabeni.”—IHubo 73:3, 13, 16, 25, 27.

Mhlawumbe kuke kwenzeka nawe wazibuza ukuthi kunanzuzoni ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Kodwa yenza njengo-Asafa, ubheke ngalé kwalokhu okubonayo. Cabanga ngesimo salabo abangazange bayinake imithetho kaJehova. Ingabe ngempela banokuthula? Ikhona yini imfihlo yenjabulo abayitholile abangayitholanga labo abathembekile kuNkulunkulu? Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, cishe uyofuna ukwenanela amazwi ka-Asafa: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHubo 73:28.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela